MANCANE kumbe kawekho amathuba okuthi ukutholile abekuzele kwiCosafa Cup umqeqeshi weBafana Bafana, uHelman “Ncane” Mkhalele.
Lokhu kungenxa yokuthi uMkhalele ubekhulume indaba yokusebenzisa lo mqhudelwano njengethuluzi lokubheka abadlali asebekulungele ukukhuphukela eqenjini likaHugo Broos.
IBafana iphumelele ukunqoba owodwa kwemithathu ka-Group A okulandelwe ukuthi iwashe ijezi ekuseni kulo mqhudelwano ewusingethe eGqeberha.
Nakuba iBafana isonge iqoqo ngewini ka 1-0 kwi-Eswatini ngoLwesithathu kodwa lokhu bekungasasho lutho kwazise ishaye udaka ngokubambana neMozambique neBotswana ngokwahlukana kweyokuvula.
Ngaphambi kokuqala kweCosafa esidlulela kweyandulela eyamanqamu, uMkhalele uthe uhlelo lwabo noBroos ukusebenzisa lo mqhudelwano ukucinga abadlali asebengakhuphukela esikwatini esithathwa njengesikhulu.
Okuqapheleke ngesikhathi iBafana idlala kweka-Group A akekho umdlali okungathiwa uphakamise isandla waziveza.
Ukungaqhubeki kweBafana kufanele kukhonjwe kubadlali kwazise ibona abangena enkundleni.
Emidlalweni emibili eyidlale neMozambique ne-Eswatini, iBafana ilithole kuqala igoli kodwa lithe lingangena kwaba sengathi sebetshelwe ukuba abahlale emuva.
Izinga labadlali beBafana kaBroos elale isithathu kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) ebise-Ivory Coast ngasekuqaleni konyaka lihluke kakhulu uma uqhathanisa nale kaMkhalele eshaye amagoli amabili kuphela emidlalweni emithathu.
Kuliqiniso ukuthi uMkhalele uphucwe abadlali okuyibona abebafuna kwazise bahoxisiwe abeKaizer Chiefs, Orlando Pirates neMamelodi Sundowns.
Bonke laba badlali balandwe amaqembu abo ngoba eseqalile ukuzicijela ukuqala kwesizini yeDStv Premiership ekubeni iCosafa ingekho ekhalendeni leFifa okunika amaqembu igunya lokugoloza.
Njengoba uMkhalele egcine esekhalela kubadlali abanye bamaqembu adliwe izembe, kukhona abagcine sebedlala ngendlela ekhombisa izimpawu zokuthi bafuna ukuzidayisa kwamanye amaqembu.
Lokhu kugcine sekulikhubaza iqembu lesizwe njengoba abanye bebegcina sebezizamela bona ukuze bagqame esikhundleni sokubeka iqembu phambili.
Iyaqhubeka iCosafa ngemidlalo eyandulela eyamanqamu edidiyelwe kanje kusukela kusasa:
Amazwe amabili phakathi kweNamibia, Seychelles, Lesotho ne-Angola (abebesazodlala) bazobhekana neComoros neMozambique abalinde kweyandulela eyamanqamu kusasa.