ABADLALI abahlukene ababoshelwe eqenjini leBafana Bafana, elikwi-Africa Cup of Nations (Afcon), bavumelana ngokuthi amasiko nezinkolelo ezifakwe ngumqeqeshi uHugo Broos, kuyohlale kuwumgogodla weqembu ngisho engasekho kulona.
Ukaputeni weBafana, uRonwen Williams, noSiphephelo Sithole, badlane indlebe ngokwahlukana nethimba leSafa labezindaba ngesikhathi iqembu lizinze eKorhogo, e-Ivory Coast, lapho belidlala eyamaqoqo.
Ezinkulumweni zabadlali, kuhlaluka ukuthi umqeqeshi odabuka eBelgium, unendlela ekhethekile yokuxhumana nabadlali okuyiyona imbangela yokuthi bakulungele ukumdlalela ngaso sonke isikhathi.
Ngokwezinkulumo ezahlukene zabadlali, iBafana isinendlela entsha yokwenza izinto kodwa okuseqhulwini ukuphathana njengomndeni okuyiculo alihlabelela njalo uBroos.
“Akasibizi ngabadlali uBroos kepha usibiza ngomndeni wakhe okuyinto eyenza sonke sizibonele ukuthi kufanele simlalele siphinde simlandele,” kusho ukaputeni uWillams ngeledlule.
“Lokhu sekuze kwaphenduka isiko engingacabangi ukuthi lizoshintsha ngisho uBroos, noma thina singasekho kuleli qembu lesizwe” kuqhuba ukaputeni.
“Lokhu kuyalisiza iqembu ikakhulu ezimweni ezinzima ngoba akekho ongazi ukuthi sonke singenza noma yini ukuqinisekisa ukuthi imindeni yethu ithola lokhu okuyifanele,” kushaya uWilliams, ngamafuphi.
USithole uthathwe yisikompilo lokukhulekela konke iqembu elikudingayo.
“Sekuphenduke into ezenzekelayo ukuthi ngaphambi kokudla (kungakhathalekile ukuthi isidlo sasekuseni, emini noma ntambama), zonke zishaya isikokela zikhuleke ndawonye okuyinto efanayo nanoma kufanele siqale ukuziqeqesha,” kusho umdlali oteketiswa ngelikaYaya.
“Sonke siyakhuleka ngezindlela zethu (umuntu ngayedwana) kodwa bekungajwayekile ukuthi sikwenze njengeqembu ngendlela uBroos afuna ngayo. Noma ngabe yini le uBroos azama ukuyihlanganisa iyohlale ikhona kwiBafana futhi yikhona lokhu okusenza sizimisele ukumfela enkundleni (kanjalo nabantu baseNingizimu Afrika),” kusho uSithole.
UWilliams uphinde washayela ihlombe unozinti waMaZulu FC, uVeli Mothwa, ngokuthi noma engadlali kodwa umsebenzi wakhe ukujabulisa iqembu ngomdanso (kuhlala kugqoma lapho kukhona yena).
Kuvele ukuthi emuva kwe-Afcon, abaqashi bakaBroos oyiSouth African Football Association (Safa), bazohlala phansi bacubungule indlela asebenze ngayo kulo mqhudelwano. UBroos usamelwe wumsebenzi wokufaka iNingizimu Afrika koweNdebe yoMhlaba ka-2026, ozoba eCanada, Mexico, nase-USA.