KULAMULE ukulula isandla kweMotsepe Foundation ibambene ngezihluthu phakathi kweSouth African Football Association (Safa) neBanyana Banyana ngodaba lokuphambana kwemibono ngezethembiso zemihlomulo yokudlala kwiNdebe yoMhlaba ese-Australia naseNew Zealand kwephezulu.
Esithangamini nabezindaba izolo iSafa iqinisekise ngomengameli wayo, uDanny Jordaan ukuthi umsindo ngamabhonasi eBanyana usufana nomlamdo emuva kokungenelela komndeni wakwaMotsepe.
“Ukuteleka kuyilungelo lawo wonke umuntu waseNingizimu Afrika, okuhlanganisa nabadlali beBanyana kodwa okumqoka wukuthi kugcine kuvunyelwene, ngakho-ke siyabonga kubona bonke abathintekayo,” kusho uJordaan.
Izibhelu ziqale ngempelasonto kuqubuka imibiko egcine iqinisekisiwe ukuthi iSafa neBanyana, ebiphelezelwa yiSouth African Football Players Union (SAFPU), icishe yabambana ngezihluthu.
Ezintweni ebezibangwa, kubalwa nohlelo olucacile lwamabhonasi njengoba lo mqhudelwano ususemome.
Lokhu kuholele ekutheni umdlalo obekufanele kube owokuvalelisa weBanyana neBotswana ngeSonto, udlalwe iqembu elihlanganiswe yiSafa isigubhukane kwazise abadlali beBanyana abaya koweNdebe yoMhlaba, bagolozile ukudlala eTsakane Stadium, abebeyichaza njengebingekho esimweni.
Sekungumlando ukuthi leyo Banyana ehlanganiswe ngokushesha inenebulwe ngo 5-0.
Imibiko engaqinisekiswanga ithi iMotsepe Foundation, esithangamini sayizolo, inikele ngo-R6 million ozohlukaniswa ngabadlali abangu-23, yithimba labaqeqeshi nabanye abazoba sethimbeni labasizi babo.
Abadlali bavalwe ngokuqinisekisa kweFifa ukuthi bazothola ngamunye u-R565 000 ngokuba yingxenye yesikwati esizodlala kweyamaqoqo e-Australia naseNew Zealand.
ISafa izonikwa yiFifa u-R30 million wokubhekela zonke izindleko zomqhudelwano kodwa ayivumelekile ukuthatha kule mali ukukhipha imihlomulo yokwenza kahle ngokusho kukaJordaan.
“IBanyana ngamaqhawe aseNingizimu Afrika ngakho-ke besingeke sisonge izandla kunesicelo sokuba sifake isandla kubantu abanjalo,” kusho uPrecious Moloi-Motsepe, ongusihlalo weMotsepe Foundation kulesi sithangami.
“Uma iBanyana idlala, izinikela ngakho konke enakho ukuze kuzuze iNingizimu Afrika ngakho-ke kumqoka kithina ukuthi ithole lokhu okuyifanele.
“Sesiphelile isikhathi sokugcina ngokuyikhuluma indaba yenkokhelo efanayo kwabesilisa nabesifazane, ngakho-ke kusemqoka ukuthi senze.
“Njengoba iBanyana iya kwiNdebe yoMhlaba kusemqoka ukuthi sikhombise ukuthi siyaziqhenya ngalokho,” kuphetha uPrecious Moloi-Mtsepe.
Eyamabhonasi eWorld Cup akusiyo nje eyaseMzansi kuphela kodwa namazwe acebile njenge-England neGermany abhekane nenkinga efanayo