USIHLALO wamaZulu FC, uSandile Zungu, unengwa ngathi badayisela i-Orlando Pirates, umdlali wakhe, uRiaan Hanamub ekubeni enenkontileka naleli qembu laseThekwini.
Ngasekuqaleni kwenyanga eyedlule, uSuthu luqeda ukushaya iCape Town City, umqeqeshi walo uPablo "Cijimpi" Martin, wacashunwa ngabezindaba eveza ukuthi bayishumi kuya ku-11 abadlali babo abaphelelwa yizinkontileka ekusongweni kukaJuni.
Phakathi kwamagama avelayo, awabagadli u-Augastine Kwem, Sede Junior Dion, Hanamub nelikaSifiso Ngobeni, obolekwe kwiMamelodi Sundowns maphakathi nesizini. Akuphelanga sikhathi esingakanani uMartin esho lokhu kwabe sekuqhamuka imibiko ethi iPirates isimsayinisile uHanamub.
Ngokusho kwemibiko, kwathiwa usayinwe eZimnyama ngoba zifuna alekelelane noDeon Hotto ohlangothini lwesinxele emuva.
UHanamub odabuka eNamibia, ungelinye lamasosha angaconsi phansi kumqeqeshi woSuthu. Emidlalweni ewu-28 kwiDStv Premiership esidlalwe iqembu lakhe, usaphuthwe owodwa kuphela.
Usashaye igoli elilodwa. Udlale nemithathu yeCarling Black Label Knockout neyeNedbank Cup ngokuhlukana kwemiqhudelwano.
Ekuqaleni konyaka, lesi sitobha siphinde samela kahle izwe laso kwi-Africa Cup of Nations (Afcon), e-Ivory Coast.
Kuzokhumbuleka ukuthi nangesizini edlule, ake avela amahebezi afanayo, athi uHanamub usesayinile kwiPirates.
UZungu uthe uyazibuza ukuthi laba abafafaza amahebezi okuthi uHanamub usesayine kwiParates, bahlose ini?
Ebuzwa ukuthi empeleni inkontileka yalo mdlali ihamba kanjani nokuthi iPirates isike yabathinta na, uthe: "Ngeke ngande kakhulu, izinkontileka zabadlali sizokhuluma ngazo uma kuphela isizini. Yilapho esizodalula khona esizivuselele nabazosishiya. Okwamanje sisagxile kule midlalo esele.“
Uqhube wathi: "Engingakuqinisekisa ukuthi uHanamub uwumdlali waMaZulu, unenkontileka nawo. Laba abafafaza amahebezi ukuthi usejoyine elinye iqembu kuyacaca ukuthi abamboni efanelwe ukudlalela uSuthu. Nangesizini edlule le mibiko yavela. Namanje isaqhamuka. Alikho iqembu eselike lasithinta ngoHanamub. Nathi sinezinto esifuna ukuzizuza ngesizini ezayo. Ngeke sikwazi ukudedela umdlali ofana naye.“
Kusasa Usuthu luzobhekana neSekhukhune United, ePeter Mokaba Stadium. Liya kulo mdlalo sekuphele emithathu luhlulwa amaphuzu amathathu. Lusendaweni ka-12 ngamaphuzu awu-33, emidlalweni ewu-33.
Umdlalo wokugcina luzowudlala nomkhaya balo, iLamontville Golden Arrows, ngoMeyi 25, eMoses Mabhida Stadium.
UZungu ubancome kakhulu abadlali nethimba labaqeqeshi ngokuyibamba ishisa.
"Ziningi izimo ezingezinhle esidlale ngaphansi kwazo kule sizini. Ngeke ngithande ukwanda ngazo. Nakuba kunjalo abafana nethimba labaqeqeshi benze omkhulu umsebenzi. Le midlalo esisalele ibaluleke kakhulu. Iphethe ithikithi lokuthi siqede sisendaweni ehloniphekile," kubeka uZungu.
Ekuqaleni kwesizini, wayethe ufuna baqede emaqenjini mane aphezulu.