IQHAWE leHollywoodbets Sharks kowamanqamu weCarling Currie Cup, uJordan Hendrikse, liveze ukuthi libone isithombe sikayise ongasekho ngaphambi kokushaya phakathi iphenathi esize leli qembu laseThekwini liqukula le nkomishi ebese liyishwebe iminyaka eyisithupha.
ISharks idle isicoco ngokunqoba ngo 16-14 sekuvalwe amehlo kwiFidelity ADT Lions, emakhazeni abeshubisa umnkantsha ngoMgqibelo, e-Emirates Airline Park, eGoli.
Kulo mdlalo obunzima kangangokuthi kuyiwe ekhefini kungu 0-0, kudingeke iphenathi ebisingxenyeni enkulu yeSharks sesiphelile isikhathi edosheni likanondweba ukuba le nkomishi ibuyele eThekwini, lapho yayigcine khona ngo-2018.
UHendrikse obeyiqhawe leLions ezinyangeni ezedlule, uyena ophule izinhliziyo zaleli qembu ngokushaya phakathi le phenathi ebikude ngale ndlela yokuthi ibisondele kwaweSharks amapali.
Lo mdlali oqokwe njengovelele kowanqamu, utshele abezindaba abesesithangamini nabo ukuthi ufikelwe yisithombe sobuso bukayise ngaphambi kokushaya le phenathi.
UHendrikse onomfowabo uJaden odlala kumaBhokobhoko, bashonelwe uyise uBrian nyakenye.
“Ngaphambi kokuthatha iphenathi, ngibone ubuso bakhe emqondweni wami ngase ngiyakhumbula ukuthi ubezozishaya isifuba kangakanani ngalokhu engikwenzayo,” kusho uHendrikse.
“Empeleni bengimcabanga umdlalo wonke ngakho-ke angingabazi ukuthi ubenami futhi konke engikwenzile bengikwenzela yena,” kusho lo mdlali.
Umqeqeshi weSharks, uJohn Plumtree, uthe uswele amaphiko ngenxa yokuziqhenya ngabadlali bakhe.
“Bekuwumdlalo onzima futhi obekusobala ukuthi uzodinga iqhawe elilodwa ngenhlanhla laqhamuka ngakithina ngephenathi ekugcineni,” kusho yena.
“Okungikitaza kakhulu ukuthi iqembu lethu ligqishe ngabadlali abebengakaze bayiwine iCurrie Cup empilweni yabo ngakho-ke ngineme ngezindlela eziningi.
“Sishintsha amagiya manje njengoba sesizogxila kwi-United Rugby Championship,” kwengeza uPlumtree.
Nakuba ebephoxekile emuva komdlalo umqeqeshi weLions, uMzwakhe Nkosi, kodwa ukwamukele ukuthi bahlulwe iqembu ebelingcono kunabo osukwini.