OWAQEQESHA uSamukelo Kabini eqenjini leDStv Diski Challenge le-Orlando Pirates, uMandla Qhogi, ukholwa wukuthi lo mdlali uye ngesikhathi esifanele e-Europe njengoba esheshe wakhombisa kwi-TS Galaxy ukuthi ungumdlali oseqophelweni.
UKabini (21) oyisiqongqwane sasemuva maphakathi nendawo, usanda kusayiniswa yiqembu laseNorway, iMolde FK. Kusabalele ukuthi limthenge kwiGalaxy ngemali elinganiselwa ku-R15 million. Ujoyine iGalaxy ekuqaleni kwesizini edlule emuva kokwehlukana nePirates. Udlale kwiGalaxy isizini nesigamu,ngaphambi kokuthatha amehlo ezinhloli zase-Europe.
Ukusayina kwakhe kulandela ukumataniswa kwakhe namaqembu aseSoweto obekuvela ukuthi ayamcathamela, njengoba egcine esayina kuleli qembu elalidlalelwa yisihlabani seManchester City, u-Erling Haaland.
“USamukelo ngambona edlalela iqembu lika-Under 17 lamaTuks asePitoli ngisaqeqesha enkulisa ye-Orlando Pirates. Ngenxa yekhono asheshe alikhombisa, asibanga khona isidingo sokuthi enyuselwe eqenjini lika-Under 19, savele samusa ngqo eqenjini leDiski, wafika wavelela ngokushesha khona. Ufice abadlali abanjengoMohau Nkota, Boitumelo Radiopane no-Ayanda Sithole,” kusho uQhogi.
Lo mqeqeshi uthe uKabini washesha wazikhombisa izimpawu zokuba ngumdlali oseqophelweni nonekusasa ebholeni, akamangali ukumbona lapho asekhona manje.
“Ngikholwa wukuthi uye e-Europe ngesikhathi esifanele, iminyaka isamvuna njengoba naseqenjini asuka kulo, i-TS Galaxy, esheshe wakhombisa ukuthi ungumdlali oseqophelweni. Ukungakhushulelwa kwakhe esikimini esikhulu sePirates adlale eqenjini layo leDiski ngaphambi kokuthathwa yiGalaxy, kwakungekona ukuthi akayena umdlali oseqophelweni kodwa ukwenzeka kwezinto ngohlelo lukaSomandla.
Udinga ukushayelwa ihlombe nosihlalo weGalaxy, uTim Sukazi, ngokungami endleleni yalo mdlali njengoba kuyingqayizivele kunoma yimuphi umdlali wase-Afrika ukudlala kwiligi yase-Europe.”
Ukusayiniswa kukaKabini yileli qembu laseNorway, kwenzeke kungakapheli sikhathi esingakanani usihlalo weGalaxy, uSukazi, ekubeke kwacaca ukuthi abadlali bakhe abafunwa uthuli ngamaqembu amakhulu aseSoweto uzobasa e-Europe.