IMFAKA umfutho impumelelo yamaBhokobhoko umpetha we-International Boxing Federation (IBF) Light Flyweight, uSivenathi "The Special One" Nontshinga, ozovikela ibhande eFrance namuhla.
UNontshinga (12-0-0) wase-Eastern Cape uzoxhimfana no-Adrian Curiel (23-4-1), waseMexico empini ezoba seMonte Carlo, Monaco.
Kuzoba kungokwesibili uNontshinga evikela ibhande le-IBF aliwine ngoSepthemba nyakenye ehlula uHector Flores waseMexico. Ulivikele ngempumelelo ngoJulayi kuRegie Suganob wase Philippines empini ebise-East London.
UNontshinga, okunguyena kuphela umshayisibhakela waseNingizimu Afrika ophethe ibhande lomhlaba lenye yezinhlangano ezihlonishwayo, uzolwa eFrance emuva kwezinsuku ezimbalwa iqembu lesizwe lakuleli lombhoxo, amaBhokobhoko, liwine iNdebe yoMhlaba khona.
Akubuzwa ukuthi lisephezulu igama leNingizimu Afrika eFrance ngenxa yempumelelo yamaBhokobhoko esabhiyozelwa eMzansi. Okunye okufanayo nesimo sikaNontshinga namaBhokobhoko wukuthi naye uyovikela ibhande njengoba lenzile iqembu lesizwe livikela indebe iWeb Ellis Cup eliyiwine ngo-2019 lehlula i-England eJapan.
"Ngiyajabula ngokuthi ngiyovikela ibhande lomhlaba emuva kokuthi amaBhokobhoko ewine indebe yoMhlaba. Lesi yisikhathi esimnandi eNingizimu Afrika. Okwenziwe ngamaBhokobhoko kuyangikhuthaza. Kuyinto enkulu. Nami ngiyathemba ukuthi ngizobuya eFrance ngiliphethe ibhande lami. Ngizobhekana nembangi enzima kodwa ngizilungiselele ngokwanele. Angifuni ukuyibukela phansi. Ngicabanga ukuthi kuzoba yimpi enhle ezothokozelwa ngabantu," kusho uNontshinga.
Kuzoba ngokwesibili uNontshinga, owine umklomelo weBSA Boxer of The Year ezinyangeni ezedlule, elwa ngaphadle kwaseMzansi. Ukuwina empini yokuqala kulwehlisile uvalo lokulwa phambi kwabalandeli abangamazi. Kulokhu, uzoyizwa ngendaba imfudumalo yokulwela ekhaya ayizwe ngesikhathi evikela ibhande ngoJulayi. UNontshinga nekhona lakhe bafulathele iNingizimu Afrika ekuqaleni kwesonto ukuze beyozijwayeza nesimo sezulu saseFrance.
"Ngilivikelile ibhande ekhaya. Kodwa uma ungumpetha womhlaba kufanele ulishiye ikhaya ubhekane nazo zonke izimo. Iphupho lami wukulwela amanye amabhande omhlaba amakhulu emhlabeni," kusho uNontshinga.
Iphupho likaNontshinga lokulwa impi ehlanganisa amabhande omhlaba lingaphazamiseka uma ezozithambisa kuCuriel olambele ukuwina ibhande lomhlaba.