UZIPHENDLELA indlela ebheke ezimpini zamabhande omhlaba umshayisibhakela waKwaZulu-Natal, uMapule "Thunder" Ngubane, ongumpetha waseMzansi kwabesifazane.
UNgubane waseMgungundlovu, uvikele ngempumelelo ibhande le-SA Middleweight ehlula ngamaphuzu uRushda Mallick waseGauteng empini ebise-Olive Convention Centre, eThekwini, ngoMgqibelo ebusuku.
Le mpi kade ingeyosuku kwebezihlelwe ngophromotha besifazane abehlukene eKZN. Inhloso wukukhuthaza abesifazane nokubanika ithuba kwezamankomane. Lolu hlelo lweBoxing South Africa (BSA) olwaziwa nge-The Rise of Women in Boxing, luzokwenabela nakwezinye izifundazwe.
UNgubane osewine izimpi ezingu-11 kwezingu-22, ubalwa nabashayisibhakela abagaqele amabhande ahlonishwayo emhlabeni aphethwe nguClaressa Shields was-USA. UShileds (14-0) uphethe i-IBF, WBA, WBC, WBF, WBO Middleweight.
"Ngifuna ukuqhubekela phambili. Ngikleliswe endaweni yesihlanu emabhandeni amaningi omhlaba. Ngakho sifuna ukwakha igama, sikhulise isibalo samawini ukuze sizokwazi ukuyongqongqoza laphaya kuClaressa okunguye osiphethe kwi-middleweight," kusho uNgubane.
UNgubane noMallick baqhuthane kule mpi ebiyimpindamshaye sebeshintshe abaqeqeshi. Ngesikhathi uNgubane ehlula uMallick nyakenye empini ebiseGreyville, ubeqeqeshwa nguSamson "Nxakanxaka" Ndlovu waseMtubatuba obengumqeqeshi wakhe weminyaka. Ushiye uNdlovu, wajoyina uBushy Mabele osekhiqize inqwaba yompetha esibhakeleni saseMzansi. UMallick ulaxaze Damian Durandt, wajoyina uVusi Mtolo.
"Ngimshintshile impela uNxakanxaka. Sibuya kude naye. Ngiqoke ukushintsha indlela, ngiyozama kwenye indawo. Akukho okubi okwenzekile. Sisezwana. Ngiyamthanda kakhulu umfowethu kodwa ngithe angishintshe indlela. Lapha kuningi abangithembise khona. Kodwa ke kuseyizethembiso nje," kusho uNgubane.
Ubonge ophromotha abahlele lezi izimpi, uNomvelo Magcaba-Shezi weMvelo Boxing Promotions, Zandile Malinga weStarline Boxing Promotions, Hlengiwe Dladla weHle-Jobe Boxing Promotions noNomfundo Malinga weSugarboy Boxing Promotions.
Kwenye impi ebikade ibhekwe ngabomvu, uThema Zuma uhlule ngamaphuzu uChimwemwe Banda waseMalawi, emuva kwemizuliswano eyisishiyagalombili evuthayo. Kwezinye, uNtobeko Thusi waseNkandla wehlule ngamaphuzu uNothando Ncube waseMpangeni kweyemizuliswano emine.
UNobengazi Booth waseMooi River, ukhale ngaphansi ngamaphuzu kuNoxolo Mkhasibe waseGeorgedale empini yemizuliswano emine. Kwenye yemizuliswano emine, uPrecious Msibi waseDumbe wehlule uNomfundo Xaba waseMtshezi ngamaphuzu. Empini yemizuliswano eyisishiyagalombili, uBathabile Ziqubu unqobe ngamaphuzu kuSehliselwe Nhliziyo waseZimbabwe.