ASHABALELE amathemba okuthi elakuleli liphinde libe nengqwele yelinye lamabhande amane ahlonishwa umhlaba wonke, kushaywa uXolisani Ndongeni empini yeWBO Intercontinental Junior Welterweight ebiseLas Vegas, e-USA ngempelasonto.
Kule mpi obekungeyezinga eliphezulu, uNdongeni ushaywe u-Arnold Barboza wakhona e-USA, ngomcacamezelo womlalisa phansi emzuliswaneni wasishiyagalombili.
UNdongeni ocijwa uMzamo "Chief" Njekanye, ubeshaywa okwesibili kulandelana. Kweyandulela eyangempelasonto edlule, ubeshaywe u-Ernesto Mercado wasezweni elifanayo. Abemakhulu amathemba okuthi uNdongeni uma enqoba kule mpi uzolwela ibhande le WBO World.
Kuyimanje eNingizimu Afrika akekho noyedwa umshayisibhakela ophethe elinye lamabhande amane ahlonishwa umhlaba wonke. Lezi zicoco ezeWBC, WBA, IBF neWBO.
Kuleli lezi zicoco ziphathwe uMoruti "Babyface" Mthalane obeqhoqhobele ese-IBF Flyweight noZolani "Last Born" Tete obeyingqwele yele-WBO Welterweight.
Empini yangempelasonto edlule uBarboza ukhonye impi iqala yaze yayophela. UNdongeni owake waphatha ibhande le-WBF Lightweight nele-ABU Junior Welterweight, ubonakale engakwazi ukumelana nemvula yezibhakela ebeziphuma esitheni sakhe.
UBarboza ubedle ngemihlokolozo enzima ekhipha nodalimede bezibhakela abebeqinile. Nakuba uNdongeni ebebukeka engapheli amandla kodwa ngasemizuliswaneni yokugcina bekucaca ukuthi uhlangane nezimbila zithutha.
Libona ikhona lakhe ukuthi uzofela eringini libe selithatha isinqumo sokuphonsa ithawula kwaba wukuphela kwempi. Bekuyimpi yokuqala uBarboza elwa ngaphansi kuka-Oscar De La Hoya ongumnikazi weGolden Gloves Promotions. Ngaphambi kwempi yangempelasonto edlule ubeshaye uJose Pedraz wasePuerto Rico.
Lo mshayisibhakela olwa ngesandla sokudla, akawazi umpetshisi selokhu angena esibhakeleni esikhokhelayo ngo-2013.
Usazinqobe zonke izimpi eziwu-29. UNdongeni unqobe eziwu-31, wahlulwa kwezine.