UBHUNU "Chwepheshe" Mthalane ongomunye wabaqeqeshi besibhakela ababukeka benekusasa eliqhakazile, umangazwa indlela ibhokisa lakhe uWendy "Lindelani Scorpion Queen" Gcadu, elenyuse ngalo izinga lokulwa phezu kokuba lingumafikizolo kulo mdlalo.
Le ntokazi yaseLindelani, eThekwini, izoxhimfana no-Emily Kabwalo waseZimbabwe empini eyimizuliswano emine kwiSuper Middleweight ezoba ngoMgqibelo, ePortuguese Club, eMbilo, khona kwelikaBhanana.
Iyingxenye yomqhudelwano ohlelwa iSiyathaba Boxing Promotions kaSandile Vilakazi.
Impi yosuku iphakathi kukaSanele "Tonardo" Msimang wasePhanekeni, eNtshanga, ozobanga isicoco esingaphethwe muntu se-WBF International Junior Welterweight noLuvuyo Mputhi wase-Eastern Cape.
Kulezi zimpi, uMxolisi waKwaNongoma uzovikela ibhande le-KZN Bantamweight kuMnelisi Ndlovu waseCato Ridge.
NgoMgqibelo, uWendy uzobe elwa eyesibili esibhakeleni esikhokhelayo. Kwezimbili ezedlule ushaye ngamaphuzu uNoxolo Mkhasibe. UMthalane ongumfowabo kaMoruti "Babyface" Mthalane, utshele Isolezwe ukuthi nakuba lingelihle irekhodi lika-Emily kodwa bakhethe yena ngenxa yokuthi uselwe nenqwaba yamabhokisa anesipiliyoni.
Uqhube wathi le mpi ifana nesivivinyo ebhokiseni lakhe kwazise ngemuva kwayo bafuna esitikini uLunje Makhosi wase-Eastern Cape ongelinye ibhokisa lesifazane elifike kwezwakala.
UMthalane uveze ukuthi selokhu beshaye uNoxolo ngasekupheleni konyaka edlule, uWendy ulenyuse kakhulu izinga.
"Ngiyazi ukuthi kuzothiwa ngincoma uWendy ngoba ecijwa yimi. Angikhathali noma bangathini, ngiphethe igolide lapha. Noma sesiqedile ukujima usala aziqeqeshe ngayedwana, ekuseni nantambama. Maduze uWendy uzobe elwela izicoco zomhlaba. Ngicabanga ukuthi okunye okumgqugquzelile ukuthi ejimini yethu ngikhiqize umpetha wokuqala uSandile Dumisa ophethe ibhande le-KZN Lightweight.
"Kuzomsiza u-Emily ukuthi ajime ngokuzikhandla ngoba uma eke wazithela ngabandayo ngeke ayiqede le mizuliswano emine. Indlela yethu ebheke kuLunje idlula kuye," kubeka uMthalane.
Uqhube wathi nakuba ejabule ngezinga likaWendy kodwa ngeke alenze iphutha lokumjaha ekulweleni izicoco.
"Ngifuna aqale alwe izimpi eziyisithupha zokungcweka ngaphambi kokuthi alwele isicoco. Ngifuna azihambe zonke izigaba. Ukhumbule ukuthi lapha sakha umpetha womhlaba. Ngifuna aqhwakele ngendlela ezohlonipheka. Njengoba senzile nakuNoxolo, no-Emily uma efuna impindamshaye sizomnika. Lapho siya khona, isekubhekaneni namabhokisa afana noMapule Ngubane.“
NgoMgqibelo, izimpi ziqala u-2 ntambama kanti amathikithi uR50.
Ziqhathwe kanje ezinye izimpi zeSiyathaba: Mpilo Cele v Musawenkosi Ndwandwe, Sichaba Zuma v Sanele Ngcobo (Banwamweight ); Siyanda Mnyandu v Mthobisi Mthembu (Featherweight ); Ntokozo Mthonti v Xolani Majola (Junior Bantamweight 4).