Ujoyine iNedbank Running Club ngoba efuna ukwenza ezibukwayo kuma-Ultra Marathon, uSithembiso Mqhele ofike kwezwakala kwezokusubatha.
Lo msubathi wase-Elliotdale, eXhorha e-Eastern Cape, ungomunye wabazithole bengondinga sithebeni ngemuva kokuvalwa kweMurray and Roberts Running Club. Nakuba ejoyine lo mdlalo ngo-2018 kodwa usengomunye wabahlonishwayo.
Nyakenye ulale endaweni yesishiyagalolunye kwiTotalsports Two Oceans 56km Marathon ngesikhathi esiwu-3:14.18.
Ngo-2022 ubelale kweyesikhombisa ngesiwu-3:14.20.
Ubuye wenza kahle ephuma indawo yesibili (7:33:36) kwiThe Icons Journey 103 km Marathon ebigijinyelwa e-Eastern Cape.
UMqhele oseqeqeshwa nguMthandeni Nene, utshele Isolezwe ukuthi abe maningi amakilabhu abemfuna kodwa waqoma ukusayina kwiNedbank. Ngaphansi kwayo uthe usayine eqoqweni labagijimi bezinga eliphezulu.
Uveze nokuthi okwenze wayijoyina wukuthi ubone kuyiyona yodwa ezomsiza ekufezeni iphupho lokukhonya emabangeni amade, okubalwa neComrades Marathon.
"Ngibone kuyiNedbank engakwazi ukuxhasa ngokuphelele izindleko zokugijima ama-ultra marathon. Ngiwumuntu webanga lika-42km kodwa kulo nyaka sithathe isinqumo sokuthi ngigxile emabangeni abade.
Ukwenza kahle kwiThe Icons Journey 103km Marathon, kunginike okukhulu ukuzethemba ekugijimeni iComrades Marathon yami yokuqala. Angisabi lutho. Ngizoya kuyo ngakho konke enginakho.
Empeleni bekumele ngiyigijime ngonyaka odlule kodwa ngaqoma ukuya kwiTwo Oceans," kubeka uMqhele.
Ngo-2021 lo msubathi ungomunye wabenza kahle kwiNedbank Runified Breaking Barriers 50km. UMqhele uthe usazohlala phansi nethimba lakhe bahlele imijaho azoyigijima.