UMSUBATHI, uStephen Mokoka, akafuni ukuzifakela ingcindezi kuma-Olympic Games azoqala ngoJulayi 26 asongwe ngo-Agasti 11, eParis, eFrance.
UMokoka, oseyinqobe kathathu iCape Town Marathon, usenze nyakenye isikhathi sokuya kule midlalo ebhekwe wumhlaba wonke. Ugijime esiwu-2:06.42 kwi-Osaka Marathon.
Kwi-marathon uzomela elakuleli nezintokazi uCian Oldknow, Gerda Styn no-Irvett van Zyl. Kuzoba okwesine kulandelana uMokoka emela elakuleli kulo mqhudelwano.
Waqala kuma-Olympics ango-2012, eLondon, waqeda endaweni ka-49.
Kwawango-2026 eRio de Janeiro, eBrazil, waqoma ukugijima ibanga lika-10 000, waqeda endaweni yesi-18. Ngo-2021 eTokyo, eJapan, ubuyele kwi-marathon kodwa wangawuqeda umjaho.
Iningi labagijimi lakhala ngokuthi ngosuku lwe-marathon ilanga lalishisa likhipha umkhovu etsheni. UMokoka uthe uthandazela ukuthi umzimba wakhe ungahlushwa yilutho ngosuku lomjaho.
"Yaba buhlungu kakhulu inhliziyo yami ngingawuqedi umjaho kuma-Olympics adlule. Ayikho into engangizoyenza, kwakumele ngicabangele umzimba wami. Ukugijima kungomunye umdlalo. Uke ube namalungiselelo amahle bese kuthi ngosuku lomjaho umzimba uvele ukujikele. Yingakho ngithandazela ukuthi umzimba wami ungabi nankinga ngosuku lwe-marathon," kubeka uMokoka.
Ebuzwa ukuthi ngabe uyazibona yini engena kwabathathu bokuqala, uthe:" Angifuni ukuzifakela ingcindezi. Njengoba sengishilo ngizolwela ukuqeda. Okunye ngiyokubona ngosuku lomjaho.“
Lo nyaka ubukeka usamphethe kahle uMokoka kwazise ngoJanuwari uphume isibili kwiHong Kong Marathon yaseChina. Wenze isikhathi esiwu-2:12.52. NgoMashi wenze esiwu-2:24.30 kwiNew Taipei Marathon.
Ngo-Ephreli ulale isithathu ngesikhathi ngesiwu-2:09.52 kwiDurban International Marathon.
UMokoka ngomunye wabagijimi abangenele umjaho womlenze wesithathu we-Absa Run Your City ozoba eSuncoast, eThekwini, ngeSonto. Isibhamu sizoqhuma ngo-8 ekuseni.
Abazolala isibili bazoklonyeliswa ngo-R30 000. Kulolu chungechunge kusakhonya abagijimi baseKenya. Kwabesilisa emlenzeni wokuqala eGqeberha, e-Eastern Cape, intambo ishaywe nguVincent Langat waseKenya ngesikhathi esiwu-28.01. Owakuleli, u-Elroy Gelant, uphume isibili ngesiwu-28.17.
Emlenzeni waseCape Town ukuphindile lokho uLangat ngesiwu-27.51. UGelant uphinde eyesibili ngesiwu-27.54.
Kwabesifazane kusalokhu kukhonye uDiana Chepkorir wakhona eKenya.
EGqeberha wenze isikhathi esiwu-31.15, eCape Town ugijime esiwu-31.47.
EKapa uMokoka wenze esiwu-29.19. Uthe uchungechunge lwe-Absa Run Your City luyingxenye yamalungiselelo ama-Olympics. Uthe emlenzeni waseThekwini uzolwela ukwenza imizuzu ewu-28.