UCHAZE lo nyaka njengomphathe kabi, uThabiso "The Rock" Mchunu, oveze ukuthi ukulimala kumphuce ithuba lokubhula amazolo emqhudelwaneni wesicoco seWBC obe sekuqaleni kwale nyanga, e-USA.
Leli nxele elidabuka KwaXimba, eMkhambathini, libalisele Isolezwe ngokuthi bekumele lilwe ngoNovemba 4, emqhudelwaneni lapho u-Ilungu "Junior" Makabu abebanga kuwo ibhande elingaphethwe muntu le-WBC Cruiserweight noNorair Mikaelian wase-Armenia.
Sekuyindaba exoxwayo ukuthi uMakabu odabuka eDemocratic Republic of Congo (DRC), ushaywe ngomngqimuzo womlalisa phansi.
UMchunu uthe ubezolwa empini ebizoba imizuliswano eyishumi.
Uveze ukuthi ube neshwa maphakathi namalungiselelo njengoba evele wadonseka umsipha ethangeni.
"Ukuba kulo mqhudelwano bekuzoba yinto enhle kakhulu. Kuyisifiso sanoma yiliphi ibhokisa ukulwa emqhudelwaneni weWBC. Ukhumbule ukuthi nami ngisafuna impi ezongibuyisela ekulweleni lesi sikhondlakhondla sebhande. Bengingeke ngikwazi ukuphoqa ukuya kule mpi, izinhlungu bezingimise kabi," kubeka uMchunu.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngaphambi kokuthi uMchunu ahlulwe uMakabu kweyalo ele-WBC World Cruiserweight, ekuqaleni konyaka odlule, kuphoqeleke ukuthi alaxaze phansi ele-WBC Silver.
Kuthe ngasekuqaleni kwalo nyaka esathi uzama ukulibuyisa eleSilver waphazanyiswa impi yezombusazwe eqhubeka eRussia nase-Ukraine.
Abaqhathi abebemfuna eringini bebedinga alwe nobhokisa lasePoland, eRussia.
Zombili lezi zihlakalo zisho ukuthi uzophela lo nyaka uMchunu engangenanga eringini.
"U-2023, awuhambanga njengokufisa kwami. Ngihlangabezane nezimo ebezingaphezu kwamandla. Bengifisa unyaka uphele sengiphinde ngalilwela ibhande le-WBC noma ngaba umpetha welinye lamabhande amane amakhulu emhlabeni. Nakuba isimo sinjena, angithukile, nangonyaka ozayo azoqhamuka amanye amathuba," kuqhuba uMchunu ongomunye wosomankomane obalwa nabahamba phambili kwiCruiserweight emhlabeni.
Lokhu kufakazelwa wukukleliswa endaweni yesine ezilinganisweni zeWBC.
Ngaphandle kokuphatha uxhaxha lwezicoco, useke walwa nezingqwele ezifana no-Oleksandr Usyk oyibhokisa elihamba phambili kunawo wonke emhlabeni (Pound-for-Pound).
Nakuba uMchunu engathandanga ukusho unyaka kodwa ukuvezile ukuthi usebala iminyaka ukuthi awagaxe emgibeni amagilavu.
"Angufuni ukuba yila mabhokisa alwa noma isimo somzimba singasavumi. Angimazi umlungu, ngesibhakela sisodwa nginomuzi, izimoto zebhizinisi engiliqalayo, izingane nokunye okuningi. Konke lokhu ngokwami, angikweleti muntu.“
Amanye amabhande aseke aphathwa uMchunu, iWBC International, WBC Continental America's, WBA Pan African, ABU, elakuleli le-Cruiserweight. Useke walwela nele-WBO World akhale ngaphansi empini yalo.