ABAGIJIMI ababili besifazane abamnyama abaphakathi kwabazobe beyibambe kwiComrades Marathon yakulo nyaka, uJenet Mbhele noGalaletsang Mekgoe, bamagange ngokukhipha amangwevu kulo mjaho.
Lo mjaho webanga lika-85.9km onyukayo, uzosukela eCity Hall, eThekwini, ngeSonto ngo-5.30 ekuseni usongwe eHollywoodbets Scottville Racecourse, eMgungundlovu.
Iminyaka ngeminyaka kusalokhu kukhonya izintokazi ezimhlophe kubagijimi besifazane kulo mjaho wodumo.
UGerda Steyn waseBothaville, eFree State, nguyena ovikela isicoco seComrades Marathon ayinqobe nyakenye ngesikhathi esingu-5:44:54, kanti nguyena futhi ophethe irekhodi lalo mjaho uma kwenyukwa elingo-5:58:53.
UMekgoe waseRustenburg, eNorth-West, weNedbank Running Club, waba ngumgijimi wesifazane wokuqala omnyama ukuphuma isihlanu kwiComrades Marathon ka-2022, eyigijima okokuqala.
UMbhele waseMvubukazi, eMzimkhulu, we-XCel Athletics Club, naye owayeyigijima okokuqala iComrades nyakenye, washaya into ecokeme eqeda endaweni yesikhombisa ngesikhathi esingu-6:27:13.
Zombili lezi zintokazi ziphakathi kwabagijimi besifazane ababhekiwe kwiComrades yakulo nyaka.
“Ngikholwa wukuthi thina bagijimi besifazane abamnyama sisakudinga kakhulu ukwesekwa kulo mdlalo wokugijima ukuze sikwazi ukufinyelela kuleli zinga esifisa ukufinyelela kulona (njengozakwabo abamhlophe).
Kuyangikhuthaza kakhulu ukuba sekilabhini eyodwa nabagijimi besilisa abaphumelelayo abanjengoTete Dijana. Lokho kungenza ngikhuthazeke nami ngizibone ukuthi ngelinye ilanga ngingagcina ngiphumelele kulo mjaho weComrades.
Emjahweni wakulo nyaka nginethemba elikhulu lokwenza kangcono kunangonyaka odlule, ngoba ngonyaka odlule kwangiphazamisa ukulimala angangakwazi ukwenza kahle, ngiphuma endaweni yesi-11,” kusho uMekgoe.
UMbhele (30) okhombisa ukudlondlobala emijahweni yamabanga amade, uya kwiComrades yakulo nyaka nje ngo-Ephreli uphinde wakhombisa ukuthi kungani ebalwa nabagijimi besifazane okumele babhekwe kulo nyaka kwiComrades, ephuma endaweni yesine kwiTotalsports Two Oceans yebanga yebanga lika-56km.
“Ukuthola kwami igolide ngingena kwiTop 10 ngonyaka odlule ngiyigijima okokuqala iComrades, kwalenyusa kakhulu izinga lokuzethemba kimina, kwangenza ngabona ukuthi uma ngingaziqeqesha, ngizimisele kakhulu kunakuqala ngingagcina ngiwunqobile lo mjaho.
Ngikholwa wukuthi ngiwulungele umjaho wakulo nyaka ngokwamalungiselelo ami futhi ngizimisele kakhulu ngokwenza kahle kunangonyaka odlule,” kusho uMbhele.
Phakathi kwabanye abagijimi besifazane ababhekiwe kwiComrades yakulo nyaka, kubalwa u-Adele Broodryk weNedbank Running Club ophume isibili nyakenye, uCarla Molinaro weHollywoodbets Athletics Club ophume isithathu nyakenye no-Alexandra Morozova waseRussia owaphuma isithupha nyakenye, noseke wawunqoba lo mjaho ngo-2022.