Usethembele kumaConfederation of African Athletics (CAA) African Athletics Championship ukuthi amnike ithikithi eliya kuma-Olympic Games, uTshepang Makhethe ongomunye wabadlali abampisholo abenza kahle kwi-hammer throw.
Lesi sihlabani saseSasolburg, eFree State, siyingxenye yeqembu elizomela elakuleli kuma-African Champs, aqala ngoLwesihlanu, asongwe ngoJuni 26, eDouala, eCameroon.
Sitshele Isolezwe ukuthi umqhudelwano waseCameroon ngowokugcina kuso ukuthi sijikijele ibanga elizosihambisa kuma-Olympic aqala ngoJulayi 26, asongwe ngo-Agasti 11, eParis, eFrance.
UMakhethe uthe uthandazela ukuthi uqhubeke umgqigqo wakhe omuhle awutshengisa selokhu kuqale lo nyaka. Kulo nyaka ulale isibili kuma-ASA Senior Championships, abeseMsunduzi Athletics Stadium, eMgungundlovu. Ujikijele insimbi ibanga eliwu-69.54m. Sekuphele iminyaka edla umhlanganiso kulo mqhudelwano.
Eminye enze kahle kuyo kulo nyaka, isochungechungeni lwe-ASA Athletics Grand Prix obeluqhubeka eMcArthur Stadium, ePotchefstroom naseTuks Stadium, ePitoli. Unqobe kuyona yomibili imilenze.
Ngo-2022 ubemele elakuleli kumaCommowealth Games, eBirmingham, e-England. Walala kweyesithupha (68.76).
Uthe uzimisele ngokujikijela ibanga elihle eCameroon. Elisemthethweni lokuhlungela ama-Olympic liwu-78.20.
"Ngizolwa ngakho konke enginakho eCameroon. Kungiphatha kabuhlungu ukuthi angikaze ngimele izwe lami kuma-Olympic. Sengihambe eminingi imiqhudelwano yomhlaba ngaphandle kwawo. Ngiyazi kuzoba nzima eCameroon. Senginikwa ithemba ukuthi ngenze kahle emiqhudelwaneni edlule. Asethembe izoqhubeka le nhlanhla," kubeka uMakhethe.
Uveze ukuthi kumphatha kabi ukuthi sincane isibalo sentsha ensundu edlala lolu hlobo lo mdlalo.
"Inkinga iqala ezikoleni zakithi emalokishini nasemakhaya. Azinazo izinsiza zokudlala i-hammer throw, discuss throw, javelin ne-shot put. Kuyaphileka ngalezi zinhlobo zemidlalo. Akungagcinwa ngokuhlohla izingane zakithi ngokugijima kuphela. Ngicela ungenelele uMnyango wezeMidlalo ukuze sande isibalo sentsha yakithi eyenza lo mdlalo wami," kuqhuba uMakhethe othe waqala ukudlala i-hammer throw ngo-2010.