UXWAYISE iqembu lakhe ukuthi lingalehlisi izinga ngemuva kokunqoba iNew Zealand ukaputeni wamaBhokobhoko, uSiya Kolisi.
AmaBhokobhoko aguqise izimbangi zawo ezinkulu ngo 26-10 kowokuvula weRugby Championship obuseMbombela Stadium, eNelspruit, ngoMgqibelo.
Ama-try eqembu elakuleli ashaywe uKurt-Lee Arendse noWillie le Roux. UHandre Pollard uthole amaphuzu angu-16 ekhahlela ama-conversion amabili, amaphenathi amathathu ne-dropgoal eyodwa.
“Sibambelele ezinhlelweni zethu senza ebesikuhlosile. Besifuna ukuqinisekisa ukuthi siwanqaka wonke amabhola abekhahlelwa emoyeni. Siyazi ukuthi banabadlali abasheshayo ngakho-ke bekumele siqinisekise ukuthi siyawavala amathuba,” kusho uKolisi.
“Nangesikhathi sinabadlali abangu-14 (u-Arendse ukhishwe ngekhadi elibomvu) indlela abafana abaqine ngayo ibiyinhle futhi siziphathe kahle sangawadala amaphenathi.
"Yize besikhathele kodwa besizilungiselele kahle. Sivale ngci emuva futhi asizange siphele amandla."
AmaBhokobhoko nama-All Blacks bazophinde bagadulisane e-Emirates Airline Park eGoli ngoMgqibelo.
EzikaJacques Nienaber zizobe sezibhekisa amabombo e-Australia ukuyodlala neWallabies kabili, bese zidlulela e-Argentina, ngaphambi kokuvala nePumas eThekwini ngenyanga ezayo.
UKolisi uthe nakuba bekubalulekile ukunqoba umdlalo wokuqala kodwa kusekuningi okusamele bakwenze ukuze badle isicoco seRugby Championship.
"Sizizwa sijabulile kodwa siyazi ukuthi asikakawuqedi umsebenzi. Sisalelwe yimidlalo emihlanu, kodwa obalulekile olandelayo nama-All Blacks," usho kanje.
“Siyakuthokozela ukwesekwa ngabalandeli futhi yikho okuhlale kusikhumbuza ukuthi uma senza amaphutha kumele siqhubeke ngoba asizidlaleli thina, sidlalela abantu abadela konke ukuze basibuke sidlala."