UFUNA abadlali nabaqeqeshi bamaBhokobhoko baqhubeke nokubambisana njengoba besendleleni ebheke kwiNdebe yoMhlaba yombhoxo yangonyaka ozayo ukaputeni waleli qembu, uSiya Kolisi.
Lo mqhudelwano uzoqala ngoSepthemba, wonyaka ozayo, eFrance, lapho amaBhokobhoko ezobe ebheke ukuvikela isicoco asinqoba eJapan, ngo-2019.
Iqembu likaJacques Nienaber liqede u-2022 ngenothi elihle ngokushaya i-England ngo 27-13 eTwickenham, eLondon, ngoMgqibelo ebusuku.
Emidlalweni emine elidlalile ohambeni lwaphesheya lokusonga unyaka, lihlulwe kwemibili libhekene ne-Ireland neFrance, ngaphambi kokunqoba emibili yokugcina lidla i-Italy ne-England.
“La masonto amane abebaluleke kakhulu kithina njengeqembu futhi sifunde izinto eziningi," kuchaza uKolisi.
“Indlela esibumbane ngayo salwa ndawonye njengeqembu ibaluleke kakhulu, ikakhulukazi njengoba sibheke unyaka ozayo. Kumele sikusebenzise konke esikufundile kulo nyaka.
“Bekubalulekile ukuthi siqede uhambo ngokunqoba ngoba ukube besingakwenzanga lokho besizobuyela ekhaya sesihlulwe imidlalo emithathu sanqoba owodwa vo.
“Ingijabulisile nendlela esinqobe ngayo, sikhombisile ukuthi siyiqembu elikwaziyo ukudlala izinhlobo ezahlukene zombhoxo, amathuba sawakha ngezindlela eziningi.
"Uma uthanda ukubona abadlali baphambili besebenzisa amandla abo ukuya phambili ukutholile kulo mdlalo, futhi uma uthanda ukubona abasemuva begijima nebhola ezandleni nalokho bekukhona. Abadlali bethu abakhahlelayo nabo benze kahle kulo mdlalo.”
UKolisi uthe okusize iqembu ukuthi likwazi ukumelana nazo zonke izinselelo elibhekane nazo kulo nyaka ngesikhathi livakashelwe yiBritish and Irish Lions, kwiRugby Championship nakulolu hambo lwaphesheya kube wubumbano.
“Kwesinye isikhathi sikuthatha kancane ukuthi siyingxenye yeqembu elikhethekile nokuthi sisebenzisana nalaba baqeqeshi," uqhube kanje.
“Ngesikhathi sihlangana naleli thimba labaqeqeshi ngo-2018, saqala ukukholelwa ezinhlweni abaqhamuka nazo futhi indlela esisebenzisana ngayo kuleli qembu ikhethekile kakhulu.
"Yize befike nohlelo (lokusebenza) kodwa bayasivumela ukuthi sifake imibono yethu, yilokho engikuthandayo. Wonke umuntu uvumelekile ukuthi aphawule, akusho lutho ukuthi udlale umdlalo owodwa noma awukadlali ngisho nowodwa eqenjini lesizwe.
“Ngibatshelile abafana ukuthi kumele sikujabulele konke esikuzuzayo ngoba asazi ukuthi ikusasa lisiphatheleni."
Khonamanjalo: Isikhulu esiphezulu se-World Rugby, u-Alan Gilpin, nomqondisi wale nhlangano, u-Phil Davies, bahlangane nomqondisi wezombhoxo kuleli, uRassie Erasmus, ukudingida izehlakalo zakamuva nezinye izinto ezithinta umbhoxo.
Lo mhlangano ube khona ngemuva kokuthi iWorld Rugby, imise u-Erasmus imidlalo emibili kulandela ukugxeka kwakhe izinqumo zonompempe ezinkundleni zokuxhumana.
Lezi zikhulu ziqale zahlangana ngoLwesine zaphinde zahlangana ngemuva komdlalo wamaBhokobhoko ne-England ngoMgqibelo.
Baphume nesisombululo sokuthi kudingeka izingxoxo ezibanzi mayelana nokuthuthukisa izinhlelo zokuxhumana phakathi kwezinhlaka ezihlukene kulo mdlalo ukuze kuqinisekiswe ukuthi zonke ziyakwazi ukudlala indima yazo.
Kuphinde kwavunyelwana ngokuthi lokhu kumele kwenziwe ngendlela ezoqhakambisa ukuhlonishwa konompempe, abaqeqeshi nabadlali.