UKAPUTENI wamaBhokobhoko uSiya Kolisi ungomunye wabadlali ababizelwe emakhempini amabili eqembu lesizwe kule nyanga, okukhombisa ukuthi lisekhona ithemba lokwelulama ngaphambi kokuqala kweNdebe yoMhlaba.
UKolisi walimala edolweni edlalela iSharks kwi-United Rugby Championship (URC) ngenyanga edlule, wahlinzwa emasontweni amabili edlule.
AmaBhokobhoko azohlangana eThekwini ukuzoqhubeka namalungiselelo eRugby Championship ezoqala ngoJulayi neNdebe yoMhlaba engoSephthemba.
Ikhempu yokuqala izoba ngoMeyi 17-19, eyesibili iqale ngoMeyi 29-31.
Bangu-15 abadlali abamenyiwe, kodwa abekho abe-DHL Stormers, ezodlala owandulela owamanqamu e-URC neqembu lase-Ireland, iConnacht, ngoMgqibelo ngo-4 ntambama.
Ikhempu izohlanganisa nabadlali abazinze eJapan njengoba isiphelile isizini yakhona. Abanye beStormers bangase babizwe uma sebeqedile kwi-URC.
“Njengoba usuzophela umqhudelwano we-United Rugby Championship kanti neRugby Championship isiseduze, sinqume ukuthi sibambe amakhempu amabili ukuze sonke sibe semqondweni owodwa ngaphambi kokuqala imidlalo yamazwe ngamazwe,” kusho umqeqeshi wamaBhokobhoko, uJacques Nienaber.
“Kula makhempu sizoxoxa ngamaqhinga ethu siphinde sisebenze nasenkundleni. Sizoqhubeka lapho sagcina khona kumakhempu ayeStellenbosch eKapa ngoFebhuwari nangoMashi nabadlali abazinze kuleli.
“IRugby Championship isiseduze, bese sidlala emithathu yokungcweka ngaphambi kweNdebe yoMhlaba. ”Sinesikhathi esincane kakhulu sokuhlanganisa zonke izinhlelo zethu ukuze sizinike ithuba elingcono lokuvikela isicoco sethu eFrance.
“Lena yisizini esemqoka, kufanele sithathe amagxathu abalulekile ukuze iqembu lihlangane,” kuphetha uNienaber.
aui
Abadlali abamenyelwe amakhempu amaBhokobhoko: Lukhanyo Am, Thomas du Toit, Eben Etzebeth, Jaden Hendrikse, Siya Kolisi, Makazole Mapimpi, Bongi Mbonambi, Ox Nche, Grant Williams (Cell C Sharks), Kurt-Lee Arendse, Canan Moodie, Marco van Staden (Vodacom Bulls), Pieter-Steph du Toit, Willie le Roux (Toyota Verblitz), Kwagga Smith (Shizuoka Blue Revs).