UKAPUTENI wamaBhokobhoko olimele, uSiya Kolisi, ubhoboke ngezizathu ezimenza angangabazi ukuthi likhulu ithuba lokuthi adlale koweNdebe yoMhlaba yombhoxo eqala ngoSepthemba, eFrance.
UKolisi olimale idolo uhlinzwe ngo-Ephreli, okulandelwe ukuthi kube nongabazane ngokuthi uzobe esepholile ngokwanele yini ukuhola amaBhokobhoko koweNdebe yoMhlaba ezinyangeni ezintathu.
Ngo-2019, uKolisi waba sesimeni esifanayo elimele edolweni kodwa wakwazi ukwelulama ngokugcwele, wahola elakuleli liqukula isicoco seNdebe yoMhlaba eJapan, ngawo lowo nyaka.
Nakulokhu, uKolisi unethemba lokululama, okungenani adlale kwethile imidlalo eNdebeni yoMhlaba eqala ngoSepthemba 8, eFrance.
Ngesikhathi ekhuluma nabezindaba esithangamini ekhempini yamaBhokobhoko ePitoli, ngoLwesibili, uzwakale engangabazi ukuthi uzobe ekhona eFrance.
Kukona konke uKolisi uzishaya isifuba ngokunquma ukuthi angabi yedwa ngesikhathi elulama kepha asondele eqenjini.
“Okusemqoka ukwamukela okwenzeka ngokwahlukana kwezinsuku bese uqhubeka nokusebenza ukuze ufike lapho ufuna ukufika khona,” kusho uKolisi.
“Kuyasiza nokuthi angiqali ukuba kulesi simo engikusona kanjalo nokuzungezwa ngabadlali asebeke babhekana nezimo ezifanayo.
“Umuzwa wethemba lokuthi nginalo ithuba lokudlala koweNdebe yoMhlaba uyakhula nsukuzonke.
“Iqiniso ukuthi isimo engikusona asimnandi kodwa ukusondelana nomqeqeshi (uJacques Nienaber) noRassie (Erasmus), kuneyakho indima okuyidlalayo engenza ngizizwe ngibalulekile eqenjini.
“Ithimba lodokotela njengokujwayelekile lenza umsebenzi oseqophelweni lomhlaba.
“Okumnandi ngokusondelana neqembu ukuthi baningi abantu asebeke baba sesimeni engikusona manje ngakho-ke akunzima ngendlela obekuzoba iyona ukube ngingedwa futhi ngikude neqembu,” kuphetha uKolisi.
Ukulimala kwalo kaputeni okuyona kuphela inkinga ebhekene noNienaber kwazise elakuleli iRugby Championship, liyaqala ngomdlalo onzima ne-Australia ngoJulayi 8, eLoftus Versfeld.