UKHALE ngokuphazanyiswa umoya uTebello Ramakongoane ehlulwa ukwephula irekhodi kwiHollywoodbets Durban 10km.
Le nsizwa yaseLesotho, egijimela iXcel Running Club, ishaye intambo ngesikhathi esiwu-28:06, yemuka nesheke lika-R37 500.
Indawo yesibili ithathwe u-Elroy Gelant ngesiwu-28:08. Uklonyeliswe ngo-R30 000.
Kweyesithathu kungene uKamohelo Mofolo. Ugijime isikhathi esiwu-28:10 ohambisana no-R27 500.
Kwabesifazane kukhonye uNehang Khatala wakhona eLesotho, ngesikhathi esiwu-32:26.
Kweyesibili kube uCacisile Sosibo ngesiwu-32:48, kweyesithathu kwaba uBlandina Makatisi waseLesotho ngesiwu-33:07.
Kwabesilisa bekumele kwephulwe irekhodi elikaPrecious Mashele lesikhathi esingu-27:35, kwabesifazane kube elikaGlenrose Xaba ngesiwu-31:12.
Ukube abagijimi bakuleli bakwazile ukuphula la marekhodi, bebebekelwe u-R50 000 ngaphezulu.
URamakongoana uthe nakuba ejabule kodwa isifiso sakhe bekuwukwephula irekhodi. Igama lalo msubathi lingelinye eliwundaba mlonyeni ngenxa yokulala endaweni yesikhombisa kuma-Olympic Games abeseParis, eFrance.
"Bekuwumjaho wami wokuqala selokhu ngibuye kuma-Olympic Games, eParis. Bengize kulo mjaho ukuzohlola umzimba wami ukuthi ukwesiphi isimo. Kungijabulise kakhulu ukuthi usesimeni esihle. Belikhona ithuba lokuthi ngilephule irekhodi. Ngishaywe umoya obunzima.
“Ngiqhashise okwenhlavu ngesikhathi kuqala umjaho. Ukuba mandla komoya kungiphoqe ukuthi ngehlise ijubane. Ngenxa yawo kunesikhathi lapho engike ngalandela ngemuva kwesixuku ebesingaphambi kwami," kusho uRamakongoana.
Uqhube wathi: "Ngesikhathi sekuseke u-6 km ngiqale phansi, ngasuka ngejubane. Bengifithi ngendlela eyisimanga. Benginokwesaba ukuthi uGelant uzongimisa kabi. Ngiyamhlonipha, unejubane kunami. Nakuba ngingakwazanga ukwephula irekhodi kodwa kuyacaca ukuthi bekuwusuku lwami."
Mayelana nokukhonya kwabasubathi baseLesotho kulo mjaho, uRamakongoana uthe kumele abasubathi bakuleli basike iphethini kwabasuka ezweni lakhe.
"Yebo ngiyakuvuma ukuthi zisezingeni eliphezulu izinsiza-kudlala eNingizimu Afrika. Nakuba kunjalo abasubathi bakhona noma ikuphi nomhlaba, kumele besebenze kanzima. Ayikho into edlula ukuzimisela. Njengoba sisezansi ne-Afrika sihlalelwe umthwalo wokwenyusa isifunda sethu. Sinalo ithalente", kuqhuba lo msubathi.
UNehang uthe ukushaya izikhathi ezinhle kuzomsiza ukuzibekisela indawo kuma-World Athletics Championship angonyaka ozayo ngoSepthemba, eTokyo, eJapan.
"Iningi lethu libheke ukwenza izikhathi zokuhlungela ukuya kumaWorld Athletics Championships ngonyaka ozayo. Okuhle ngeHollywoodbets Durban 10km ibophele abasubathi bezinga eliphezulu. Ukuba ingxenye yayo kukuphoqa ukuthi wenyuse izinga," kusho uNehang.