UMGIJIMI waKwaZulu-Natal owenza kahle emabangeni amade kwabesifazane, uJanet Mbhele, ukholelwa ekutheni ubengangena endaweni yesithathu kwiTotalspot Two Oceans Ultra 56km Marathon ukuba akaqalanga washaywa uvalo.
Le ntokazi yaseNew City, eMzimkhulu, ngaphansi kwesifunda iHarry Gwala, yenze isikhathi esingu-3:41.08, ingena endaweni yesine.
Intambo ishaywe uGerda Steyn ophule irekhodi lakhe ngesiwu-3:26.54. Nyakenye wayeliphule ngesiwu-3:29.06. UGerda ubewunqoba okwesihlanu kulandela lo mjaho okwephambili ekhalendeni lezokusubatha kuleli.
Indawo yesibili ithathwe u-Irvett van Zyl (3:29.30), isithathu kwaba uLoveness Madziva (3:38.00). Okuqaphelekile wukuthi uJenet ubeqhele kakhulu entokazini engene endaweni yesithathu njengoba ngesikhathi isiyoqeda ibinesikhathi sokuhamba ima izilula kucaca ukuthi imisipha isiya ngokubophana. Kodwa konke lokhu bekwenzeka engabonwa nangokhalo ozombangisa.
Kwabesilisa kukhonye u-Onnalena Khonkhobe (3:09.30).
Kweyesibili kungene uLloyd Bosman (3:09.58), kweyesithathu kwaba uGivemore Modzinganyama (3:11.13).
Abashaye intambo bagoduke nesamba sika-R250 000.
UJenet ogijimela iXcel Running Club, utshele Isolezwe ehleka ukuthi naye usathukile, ubethi uyozwa amanzi ngobhoko kwiTwo Oceans abeqala ukuyigijima. Eqhubeka, uveze ukuthi ngaphambi komjaho ushaywe uvalo oluyisimanga.
"ITwo Oceans isemijahweni ehlonishwa umhlaba wonke. Ingenelwa ngabagijimi bezinga eliphezulu. Ngicabanga ukuthi yiko lokhu okuqale kwangifaka amanzi emadolweni. Kuthe sengidlule ku-30km umqondo waqala ukubuya. Kube sengathi ngivuka ebuthongweni. Ngithe kimi hamba MaMbhele, nawe uyintombi yakwabo, musa ukuvuma ukuhlulwa amanye amantombazane.
“Ngempela ngigxumise okwenhlamvu. Ngicabanga ukuthi ukube angiqalanga ukwesaba umzila nokubheka kakhulu abagijimi abaseduze kwami ngabe ngenze kahle kakhulu. Bengizongena kwabathathu bokuqala. Sekubhekwe ku-50km kuke kwanzima ngendlela exakile. Ngisizwe ukuthi emasontweni edlule ngigijime iHarry Gwala Marathon enezintaba. Ungisize kakhulu lo mjaho wangasekhaya. Ngibonga kubo bonke abangisekile kuhlanganisa umqeqeshi wami neXcel," kusho uJanet.
Ku-21km izolo kwabesilisa kunqobe uThabang Mosiako (1:04.40). Isibili sithathwe uKamohelo Mofolo (1:05.33), kweyesithathu kwaba uGeorge Kusche (1:05.33). Kwabesifazane kukhonye uMokulubete Makatis (1:13.52), isibili sathathwa uCian Oldknow (1:14.04), kwangena uBianca Tarboton kweyesithathu (1:19.27).