UBUYELA eringini uSiboniso "Tiger" Gonya iningi ebese lizitshela ukuthi kuphelile ngaye ngenxa yokuphenduka ukudla kompetshisi.
UGonya waqala esibhakeleni ethembisa njengoba kukhona ababembona enethuba lokuba umpetha njengoba ayeshaya kwasani oluphambi kwakhe.
Izinto zaqala ukonakala ngo-2017, eshaywa umkhaya wakhe, uZolani "Last Born" Tete ngomngqimuzo womlalisa emizuzwini ewu-11, kuqale umzuliswano wokuqala empini ye-WBO World Bantamweight.
Le mpi eyayiseBelfast, eNorthern Ireland, yaba sematheni kubathandi besibhakela kubatshazwa ukuhlulwa kukaGonya ngalesi sihluku. Kweyalandela ngo-2019, uGonya wazama ukubuya eshaya uMawande Mbusi kweyokungcweka.
Ngemuva kwayo washaywa uTony Rashid waseTanzania, kubangwa ibhande le-ABU Super Bantamweight, Rofhiwa Nemushungwa waseLimpopo kwathi kweyokugcina ngo-2022, ngoSepthemba, eMooi River, waphinde wahlulwa uTholumusa "Mfundisi" Ngema kweye-WBF.
Phezu kwakho konke lokhu, i-Uhuru Boxing Promotions iqome ukumnika elinye ithuba ezimpini ezihlelela u-Okthoba 28, khona eMooi River.
Uzozama ukuphuca uMduduzi "Sgora" Mzimela waseMpangeni ibhande le-KZN Junior Featherweight.
Ekuqaleni kwalo nyaka, uMzimela ushaywe uBongani "Wonder Boy" Mahlangu ngomngqimuzo womlalisa emizuliswaneni wesihlanu kweyebhande le-SA Junior Featherweight.
UNhlakanipho Gumede we-Uhuru uthe izinhloso zimbili ngempi kaMzimela noGonya.
"Nakuba uGonya eshayiwe ezimpini ezedlule kodwa usakholelwa ekutheni lukhulu asengalenza esibhakeleni sakuleli. Empeleni ingcindezi ikuye, kuyamphoqa ukunqoba kuSgora ukuze ezobuyisa isithunzi sakhe.
“Ngakolunye uhlangothi, uSgora ufuna ukunqoba le mpi ukuze ezothola elinye ithuba lokulwa noMahlangu kweyebhande le-SA Junior Featherweight," kubeka uGumede obonge kakhulu ngoxhaso abaluthole eMnyangweni wezeMidlalo nakuMasipala waseMpofana. Ezimpini ezingu-17, uGonya unqobe eziwu-12, wahlulwa kwezinhlanu. UMzimela unqobe kweziyisithupha, washaywa kweyodwa.