UHLELA ukulilaxaza phansi ibhande le-SA Super Lightweight, uPrince "The Demon" Dlomo uma ekwazile ukulivikela kuNtethelelo Nkosi, ngoLwesihlanu, eGreyville Convention Centre, eThekwini.
Le mpi iyingxenye yomqhudelwano ohlelwa iStarline Boxing Promotions kaZandile Malinga. Izobhulelwa amazolo ngekaThema Zuma ozovikela okokuqala ele-Female SA Bantamweight, kuBabalwa Ngqongqotha.
Okuyisinongo ngempi kaDlomo ukuthi uzobe elwela ukulivikela okwesihlanu leli bhande.
Lokhu kumnika igunya lokuthi iBoxing South Africa (BSA) imuphe lona ngokusemthethweni uma enqobile.
Lapha eNingizimu Afrika noma umshayisibhakela angalinqoba kodwa kalihlali kuye.
Uze aligcine ngokuphelele uma ekwaze ukulivikela kahlanu.
UDlomo odabuka eSmero, eMgungundlovu, uqale ukunqoba iSuper Lightweight ngo-2021, eshaya uXolani Mcotheli. Ube eseyivikela kuye uMcotheli, Sesiko Makeleni, Xolani Mgidi noMarcus Lebogo amshaye ngoJulayi, ngakubo eMgungundlovu.
UDlomo ukumabhokisa ahlonishwayo namadala kuleli.
Lokhu kufakazelwa ukuthi uma elwa kujwayele ukuphuma nabangasilandeli isibhakela. Usenqobe izimpi eziwu-17, wahlulwa eziwu-12, walwa ngokulingana kweyodwa. Okunye okunonga le mpi wukuthi uNkosi uqeqeshwa uDamien Durandt obuye acije uLobogo osanda kushaywa nguDlomo.
UNkosi usendaweni yokuqala ezilinganiswani ze-BSA kwiSuper Lightweight.
Unezimpi eziyisikhombisa kuphela. Nakhona unqobe ezinhlanu, wahlulwa kwezimbili.
UDlomo utshele Isolezwe uma enqoba akasazimisele ngokulivikela okwesithupha.
"Ngeke ngivume ukuthi uNkosi ame endleleni yami yokuqopha umlando. Sengiyibonile nendawo endlini yami lapho ngizohlobisa kona ngalo. Kumele azibambe ziqine. Isifiso sami ukuthi uma ngiqeda ukunqoba ngilishiye leli bhande ngingene ezingxoxweni nabaphathi bami mayelana nempi yebhande lomhlaba," kubeka uDlomo.
Uqhube wathi: "Irekhodi kwesinye isikhathi alisho lutho. Sekukaningi sibona amabhokisa amadala nabethenjiwe ebhekiswa phezulu ngamavukana. Empeleni uNkosi angaba inkinga uma nginganakile. Ufana nencwadi evaliwe kimi. Ngisabone impi yakhe eyodwa eqoshiwe. Ngakolunye uhlangothi yena uyangazi ukuthi ngilwa kanjani. Yiko lokhu okwenze ngajima kakhulu kunakuqala".
UMike Dube oyimenenja yeBSA, KwaZulu-Natal ukuqinisekisile ukuthi noma kanjani zizobakhona lezi zimpi.
"Okubaluleke kakhulu kunakho konke ukuthi abeStarline sebeyikhokhile kwiBSA imali yokukhokhela amabhokisa. Namabhokisa asezisayinile nezinkontileka zokulwa," kubeka uDube.
Ziqhathwe kanje sezizonke izimpi zeStarline:
SA Junior Lightweight: Dlomo v Nkosi (12 rounds); SA Female Bantamweight: Thema v Babalwa (10 rounds); KZN Lightweight: Lindokuhle Dlamini v Nhlonipho Hlubi (10 rounds); Welterweight: Matt Domatos v Phumelele Ngcobo, Ryan Johnson v Sizwe Buthelezi, Dario Barella v Wellem Nara (4 rounds); Super Middleweight: Chris Morrow v Thanduxolo Lamula (4 rounds).