UTHEMBISA ukuthi usekulungele ukubuyela enkundleni umdlali wamaBhokoBhoko neBlue Bulls, uSbu Nkosi, emuva kokuthatha ikhefu lezinyanga ezimbili.
UNkosi, 27, wanikwa yiBulls thuba lokushiya umbhoxo okwesikhana ngoDisemba emuva kokunyamalala amasonto amathathu.
Wagcina etholakale emuva kwamasonto emzini kayise eMalahleni, eMpumalanga, lapho adalula khona ingcindezi ephazamisa isimo sakhe somqondo.
Uqale ukuzilolonga neBulls ngeSonto elidlule nengoba nayo beyibuya ekhefini lamasonto amabili.
"Ngingasho ukuthi sengiphumile efini elimnyama. Ngizizwa ngiyimina futhi nomoya wami uvuselelekile. Bengizibona ngingeyona indoda okufanele ngibe yiyo futhi bekumqoka ukuthi ngihlehle kancane ukuze ngikulungise lokho kungakabi yinkinga enkulu,” kusho uNkosi engxoxweni eqoshwe yiBulls.
"Ngaphandle kokuveza ikhono lami enkundleni kuningi okunye okubheke mina.Ingcindezi iningi ngoba sinabalandeli nemindeni abahlezi besibhekile futhi asifuni ukubaphoxa.
"Njengomuntu ozwelayo lezo zinto zivame ukungikhathaza. Ngitsheliwe ukuthi ngibeka yonke imizwa ngaphakathi ngakho ezinyangeni ezimbili ezedlule bengifunda ukuthi ngingabhekana kanjani nalokho.
"Segiyezwa ukuthi amandla ami nokuzethemba kubuyile. Bekunokudideka okuningi emqondweni wami kodwa manje sekuyakhanya. Nakanjani ngikhululekile futhi sengikulungele ukubuyela enkundleni.”
Ngaphambi kwengcindezi uNkosi uke waphazanyiswa wukulimala okumhlasele ebizwe eqenjini lesizwe ngonyaka odlule. Waqala wathinteka eqakaleni waphindeka walimala ezimbanjeni.
Ubonge ozakwabo kwiBulls ngokumamukela kahle eqenjini njengoba belungiselela ukubhekana neStormers kwi-United Rugby Championship ngoMgqibelo.
"Iqembu lingamukele kahle. Bebengenza kube nzima kimina ukubuyela eqenjini kodwa akwenzekanga lokho. Bebengafuna izincazelo ezengeziwe kodwa bakhethe ukungamukela ngomoya omuhle. Ngiyabonga kakhulu ngalokho futhi kungenza ngifune ukuzimisela kakhulu kunakuqala,” kuqhuba lo mdlali oke wagijima kwiCell C Sharks.
“Ngikubheke ngabomvu ukunqoba i-URC nokushayela iqembu ama-try. Ngifuna ukudlala umbhoxo ngendlela engidume ngayo,ngamandla, isivinini nokuzimisela.”
Umqeqeshi weBulls, uJake White, naye ubuyile ngesonto eledlule ngemuva kokuhlinzwa ngenyanga edlule.