UQWEQWE lomqeqeshi wezamankomane, uVusi Mtolo, ongabalwa nabakhulise uHekkie "Hexecutioner" Budler (35) kwezamankomane, uqagula ukuthi lo mshayisibhakela uzomangaza abaningi uma esebhekene noKenshiro "The Amazing Boy" Teraji waseJapan, kwimpi okubekwe kuyo esitikini ibhande le-WBC nele-Super WBA Light Fyweight.
Kulo mqhudelwano unamhlanje, e-Ariane Arena, eTokyo, kuzoba ngokwesibli uTeraji evikela amabhande ngesikhathi esisodwa. Ugcine ukuwavikela ngoMashi, ku-Anthony Olascuaga wase-United States of America (USA).
Empeleni uTeraji waqala ukunqoba iWBC ngo-2017, ehlula uGanigan Lopez waseMexico. Uyivikele amahlandla ayisishiyagalombili ngaphambi kokuthi ayiphucwe umkhaya wakhe, uMasamichi Yabuki ngoSepthemba, wango-2021.
NgoMashi wanyakenye, ucele impindamshaye akwaze kuyo ukusibuyisa isicoco sakhe. NgoNovemba wengeze ngeWBA Super eshaya uHiroto Kyoguchi wakhona eJapan.
Usenqobe izimpi ezingu-22, washaywa kweyodwa. Eziwu-14 uzinqobe ngemingqimuzo yomlalisa phansi.
Akubuzwa ukuthi uma uBudler ecabanga ngempi yangoMsombuluko kufika emqondweni usuku lwangoMeyi 5, 2018, e-Ota City General Gymnasium khona eJapan.
Ngalolu suku wanqoba ibhande layo iWBA Super nele IBF Light Flyweight eshaya uRyoichi Taguchi. Nokho yaba mfishane injabulo yakhe njengoba ngoDisemba wangolowo nyaka, waphucwa lezi zicoco uKyoguchi kweyayiseChina.
UBudler wayeqale ngokunqoba iWBA World kwi-Minimumweight ngo-2014. Walivikela kane ngaphambi kokuphucwa uByron Rojas waseNicaragua.
UMtolo uke wasebenza noBudler ngesikhathi esasebenzisana noColin Nathan.
UNathan nguyena ocija uBudler. UMtolo esasebenza kulesi sitebela, uBudler wafikela kuye ukuzoqala isibhakela esikhokhelayo. Ungomunye obeba sekhoneni enqoba lezi zicoco esezibaliwe. Washiya isitebela sikaNathan eminyakeni emibili edlule eseyozimela. Uthe nakuba engasamqeqeshi uBudler kodwa wazi kahle ukuthi uyingozi kangakanani.
"Engingakusho ukuthi lo Teraji uzobheka phezulu uma ezoza ngobuso. UBudler ngimfanisa nenyoka. Uma elwa umzimba uyawuthambisa. Lokhu kwenza akwazi ukumela izimo ezahlukene. Uhlale elwela ukuyilawula impi ngokuhlale ekhipha imihlokolozo eyingozi. Ngaphezu kwakho konke unesibindi esixakile. Ngimbona enalo ithuba lokunqoba lamabhande," kubeka uMtolo.
Ezimpini ezingu-39, uBudler unqobe eziwu-35, wahlulwa kwezine.
Mabili kuphela kuleli amabhokisa asakwaze ukunqoba iWBC ehlonishwa ukuwedlula wonke amabhande emhlabeni.
Iqale yanqotshwa uThulani "Sugar Boy“ Malinga ngo-1996 eshaya uNigel Benn wase-UK. Kulandele uDingaan "The Rose of Soweto" Thobela owayinqoba ngo-2000 ehlula uGlenn Catley wakhona e-UK. Bobabili bayinqoba kwiSuper Middleweight.