UBALISE ngoyise ongasekho umshayisibhakela, uMxolisi Zuma, ewina ibhande le-WBF International Junior Featherweight emuva kwezimpi eziyisihlanu engene esibhakeleni esikhokhelayo.
UZuma waseMpangeni wehlule ngomcacamezelo womlalisa phansi ngomzuliswano wesine u-Awonke Tini wase-Eastern Cape phambi kwezinkumbi zabalandeli besibhakela e-Estcourt Town Hall ngoMgqibelo ebusuku.
Le mpi ibingeyosuku kwebezihlelwe yiHlula Dladla Boxing Promotions. UZuma, owayeyingqwele eyaziwayo esibhakeleni sama-amesha, uqhubekile nokukhombisa ubuchule eringini, ededela nodalimede bezibhakela. Emuva kokuvusa phansi uTini ephindelela, unqume ukuyiqeda impi unompempe uSiya Vabaza-Booi ngomzuliswano wesine. Emuva kwempi kube nomunyu ngesikhathi uZuma ebalisa ngokudlula emhlabeni kukayise engakayiboni impumelelo yakhe esibhakeleni.
"Leli bhande bengilidlalela ubaba ongizalayo osanda kushona nje ngoMeyi. Manje okungiphethe kabi wukuthi uhambe izithukuthuku zami engakaziboni, engakazidli futhi. Ngakho lolu suku belungaye. Ngelakhe leli bhande engiliwine namhlanje bengilidlalela yena," kusho uZuma.
"Ubaba wangifaka esibhakeleni ngineminyaka eyisishiyagalolunye. Bengishaywa uma ngingayile ejimini. Zonke izinsuku bebengidinga ejimini. Ngingasho nje ukuthi ukungiphoqelela ejimini kwakhe zonke izinsuku, yimisebenzi yakhe lena. Iyabonakala. Akachithanga isikhathi sakhe ngokwenza lokho. Ngiyaziqhenya ngalokhu akwenza. Ngiyambonga nalapho ekhona. Ngithi akalale ngokuthula lapho ekhona. Siyohlala simkhumbula njalo."
Selokhu uZuma engene esibhakeleni esikhokhelayo nyakenye, ayikho imbangi esaphumelele ukuma phambi kwakhe imizuliswano ephelele ezimpini eziyisihlanu asezilwile. Ukuwina kwakhe ibhande le-WBF kumenze omunye wabashayisibhakela abawine amabhande besanda kufika esigabeni esikhokhelayo.
"Bengingalindele ukuthi kuzokwenzeka ngokushesha okungaka. Kodwa ukubona umsebenzi wami, abaphathi babonile ukuthi leli thuba lingifanele njengoba benginikile, ngakwazi ukuzibonakalisa ukuthi ngingubani. Ngifisa ukulivikela kanye leli bhande, ngidlule ngiyobheka aphezulu. Leli kuseyisiqalo, alisona isiphetho," kusho uZuma.
Kwenye impi ebibhekwe ngabomvu yebhande leKZN Featherweight ebelingaphethwe muntu, uLindelani Sibisi wehlule uSithembiso Maduna ngamaphuzu.