UMQEQESHI mqeqeshi weSuperSport United FC, uGavin Hunt ubonga imiyalezo yenduduzo ayitholayo kulandela ukushona kukayise ngempelasonto.
Uyise kaHunt, uMartin Hunt ushone ngeSonto. Akudalulwanga okumthathile. NgoMgqibelo iSuperSport ishaywe yiKaizer Chiefs ngo 2-1 koweDStv Premiership, eLimpopo.
UHunt udalule izindaba zokushona kukayise ngeSonto ekhasini lakhe le-X.
โPhumula ngokuthula baba. Ungilinde ukuthi ngibuye ekhaya ngikubone. Ngiyakuthanda,โ kubhala uHunt.
Iqembu lakhe iSuperSport, elisendaweni yesikhombisa kwi-log ngemuva kwemidlalo engu-25, lidlulise amazwi enduduzo.
NgoMsombuluko ekuseni uHunt ubonge imiyalezo nezingcingo azitholayo.
โNgiyabonga kakhulu. Akusona isikhathi esilula lesi,โ kusho uHunt.
Rest in Peace dad ๐๐๐๐๏ธ you waited for me today to come and see you. Love you pic.twitter.com/TKik0O99UA
ISuperSport, engakanqobi nowodwa umdlalo kweyisishiyagalolunye yeligi esayidlalile selokhu kuqale unyaka, kulindeleke ukuthi ibhekane neRoyal AM ngoLwesithathu eHarry Gwala Stadium ngo-7.30 ebusuku.
It is with great sadness that we have learned of the passing of Coach Gavin Hunt's father, Mr Martin Hunt ๐
โ SuperSport United FC (@SuperSportFC) April 28, 2024
We extend our heartfelt condolences to the Hunt family, and loved ones during this difficult time. ๐ pic.twitter.com/5tNDv6Bw6n