UZOTHWALA kanzima umqeqeshi wesibhakela waKwaZulu-Natal, uSizwe "Bhubesi" Mthembu kule mpelasonto njengoba kumele abe sekhoneni lentokazi, uNtobeko "Xovizwe" Thusi, eLimpopo nakwelikaKhanyisani Mbokazi, ngoMgqibelo, eMidrand, eGauteng.
UMthembu uwuqale kahle unyaka ngokuthi wonke amabhokisa akhe anqobe. Utshele Isolezwe ukuthi uzomelana nale nselelo ngoba uyakholelwa kubashayisibhakela bakhe.
Namhlanje benoNtobeko bazolibangisa eMeropa Casino, eLimpopo.
UNtobeko waseNkandla uzoxhimfana noGudani Mudau wakhona eLimpopo empini yokungcweka kwiFeatherweight ezoba imizuliswano emine kusasa.
Le mpi iyingxenye yomqhudelwano wabesifazane ohlelwa iMama Rocks Boxing Promotions.
Kuzobe kuyimpi yesibili kaNtobeko esibhakeleni esikhokhelayo. Kweyokuqala ushaye ngamaphuzu uNothando Mncube komunye umqhudelwano wabesifazane obuseThekwini emasontweni edlule. Kwakuliwa ngaphansi kweJunior Featherweight.
Ngemuva kwempi yaseLimpopo, ebusuku bangoLwesihlanu, uMthembu uzolibangisa eMidrand, eGauteng ukuyoma ekhoneni likaMbokazi ozobanga ibhande elingaphethwe muntu le-African Boxing Union (ABU) Junior Lightweight noLucky Monyebane imizuliswaneni elishumi.
Le mpi ihlelwa iTLB Boxing Promotions kaJoyce Kungwane.
Ngalo mqhudelwano kuhloswe ukuhlonipha uLehlohonolo "Hands of Stone" Ledwaba odlule emhlabeni esephathe inqwaba yamabhande omhlaba.
Kuleli wuye yedwa owaba nenhlanhla yokulwa noManny "Pac Man" Pacquiao wasePhilippines ongadingi kuchazwa esibhakeleni somhlaba.
"Ayikho into engizoyenza, kumele ngenze isiqiniseko sokuthi uNtobeko noMbokazi bayanqoba kulezi zimpi. Ngijabule kakhulu ngendlela ahambe kahle ngayo amalungiselelo. UNtobeko uthole ithuba lokungcweka ngisho nanamabhokisa esilisa. Okunye ukuthi simsusile kwiJunior Bantamweight. NgoLwesihlanu uzobe elwa okokuqala kwiFeatherweight. Nakuba uNtobeko esemusha esibhakeleni esikhokhelayo kodwa utshengisa isibindi esiyisimanga. Limfanele igama likaXovizwe. Unethalante kulo mdlalo, uma ezoqhubeka nokuzimisela uzobanjwa kude," kubeka uMthembu.
Mayelana noMbokazi uthe akangabazi ukuthi uzobuya nalo ibhande le ABU.
"Inhloso ukwandisa izicoco esitebeleni sethu. Namalungiselelo kaMbokazi ahambe kahle kakhulu. Konke sekulele kuye, umsebenzi omningi thina baqeqeshi sesiwenzile," kuqhuba lo mqeqeshi.
Kulo nyaka uMthembu usenqobise amabhokisa amahlanu izicoco.
Uqale ngokunqobisa uMpendulo "Matshikiza" Gumede isicoco seKZN Featherweight, uThema Zuma (SA Junior-Bantamweight), Sabelo Cebekhulu (WBF Bantamweight), Sanele Msimang (WBF junior Welterweight) noSiyabonga Mpangele eleKZN Junior Bantamweight.