KUNONGABAZANE ngekusasa likaSiya Kolisi, njengokaputeni wamaBhokobhoko kulandela okushiwo inhloko entsha yabaqeqeshi kuleli qembu lesizwe, uRassie Erasmus, ayenze, eKapa.
Ngesikhathi u-Erasmus ekhuluma esithangamini nabezindaba izolo, eKapa, ukucacisile ukuthi inkontilela kaKolisi neqembu lakhe laseFrance iRacing 92, ayimvimbi ukuqhubeka nokudlalela amaBhokobhoko futhi usazoqhubeka abizwe kodwa isikhundla sakhe sizobuyekezwa.
"Kunabadlali abanigi abasayine izinkontileka namaqembu ababekele imibandela yokuthi bazoyeka ukudlalela iqembu lesizwe kodwa uKolisi akekho kulaba okuyizinkomba zokuthi usazimisele nokulidlalela," kusho u-Erasmus ecashunywa i-IOL.
"Noma ngingeke ngiqinisekise manje kodwa ikhona imidlalo emqoka yamaBhokobhoko azoyidlala uKolisi," kuqhuba lo mqeqeshi.
Lo kaputeni oneminyaka engu-32 ubudala osedle isicoco somhlaba amahlandla amabili uzifake emlandweni waseNingizimu Afrika ngokuqukula ngo-2019 nango-2023, uzobe eseneminyaka engu-36 ngonyaka okuzofika ngawo iNdebe yoMhlaba elandelayo.
U-Erasmus akakufihli ukuthi ukubona kungcono ukusebenza nokaputeni odlalela iqembu eliseNingizimu Afrika.
"Kuhlale kumnandi ngaso sonke isikhathi ukukhuluma noKolisi kodwa kulokhu ingxoxo yethu izogxila kakhulu ekutheni uzokwazi yini ukuhola leli qembu lesizwe esemazweni noma cha.
"Esingeke sikubalekele ukuthi kunabadlali abazobe bengaseyona ingxenye yeqembu lesizwe ngesikhathi okuzofika ngaso iNdebe yoMhlaba elandelayo kodwa lokhu akusho ukuthi laba abakhona sebezolahlwa ngoba ukhona umsebenzi okufanele bawenze manje," kuqhuba u-Erasmus.
"Ngenhlanhla sibazi bonke abadlali abakhona esikwatini okuzothi noma sibanika imisebenzi eyahlukene yokukhulisa iqembu bakwenze lokho ngokukhulu ukukhululeka.
Inhloso ukuthi laba badlali asebesendleleni ephumayo eqenjini babashiyele lonke ulwazi abaludingayo laba abancane nabafikayo eqenjini lesizwe," kusho u-Erasmus.
Ompetha bomhlaba bazobonakala enkundleni okokuqala kulo nyaka ngoweWales abazowudlalela eLondon, e-England, ngoJuni 22, okuzolandelwa emibili ye-Ireland ePitoli naseThekwini, ngoJulayi 6, no-13 ngokwahlukana.
Njengoba i-Ireland kuyiyona kuphela ehlule amaBhokobhoko koweNdebe yoMhlaba ebiseFrance, u-Erasmus uthembise ukubophela isikimu esiqine ngendlela emangalisayo kule midlalo emibili ezokuba kuleli ngoJulayi.
"Akusihleli kahle ukuthi i-Ireland sigcine ukuyehlula ngo-2006," kuphetha lo mqeqeshi omemezele, uTony Brown noJerry Flannery, abaqashwe njengabaqeqeshi waphambili nowasemuva ngokwahlukana.