BATHEMBISA ukusiqapha ngelokhozi isimo sikakaputeni weqembu lesizwe lombhoxo, uSiya Kolisi, odokotela baleli qembu kulandela ukuhlinzwa kwakhe ngesonto eledlule.
UKolisi ulimale edlalela iCell C Sharks emdlalweni we-United Rugby Championship (URC) neqembu lase-Ireland, iMunster, emasontweni amabili edlule, wagcina ehlinzwe edolweni eKapa, ngoLwesihlanu.
Ufake isithombe emakhasini akhe ezinkundleni zokuxhumana wabhala nokuthi konke kuhambe kahle ngokuhlinzwa kwakhe.
ISharks ayikaphawuli selokhu ehlinziwe kodwa i-SA Rugby ikhiphe isitatimende ngoLwesithathu, imfisela ukuthi alulame ngokushesha, yize ingadalulanga ukuthi kulindeleke ahlale isikhathi esingakanani engadlali.
Ngokwesitatimende, udokotela weqembu lamaBhokobhoko, uJerome Mampane nethimba lakhe, bazoqhubeka nokuqapha ukwelulama kwakhe kodwa kusesekuseni ukuthi baphawule ngokuthi angase abuye nini ukuzodlala.
“Sifisela uSiya okuhle ngesikhathi elulama futhi siyazi ukuthi uzokwenza konke okusemandleni ukuthi abuye azodlala ngokushesha,” kusho umqeqeshi wamaBhokobhoko, uJacques Nienaber, kulesi sitatimende.
AmaBhokobhoko azodlala iRugby Championship ne-Australia, New Zealand ne-Argentina ngoJulayi, ngaphambi kokulibangisa eFrance ukuyodlala eNdebeni yoMhlaba ezoqala ngoSepthemba.
Khonamanjalo: Omunye umdlali wamaBhokobhoko, uRG Snyman, ujabule ngokubuyela enkundleni ngemuva kokuhlala isikhathi eside engadlali ngenxa yokulimala edolweni.
USnyman wajoyina iMunster ngo-2020 kodwa walimala edolweni emdlalweni wakhe wokuqala ngo-Agasti walowo nyaka. Ubuye ngo-Okthoba ka-2021, waphinda walimala endaweni efanayo emdlalweni wakhe wokuqala.
Ubuye ngoMashi kulo nyaka, wadlala imidlalo embalwa emihle ngaphambi kokuthinteka ekhanda bebhekene neStormers ngo-Ephreli 15, nokumenze waphuthelwa umdlalo wokugcina wamaqoqo we-URC neSharks.
Usevunyelwe ukuthi abuyele enkundleni futhi unethemba lokuthi uzoyisebenzisa imidlalo ezayo ukuzibonakalisa kubaqeqeshi bamaBhokobhoko.
Wayeyingxenye yeqembu lamaBhokobhoko elanqoba iNdebe yoMhlaba ngo-2019, evame ukungena esuka ebhentshini ezothatha indawo ka-Eben Etzebeth kwi-lock.
“Ngiyethemba ukuthi imidlalo engiyidlalile manje namathuba engizowathola kuzokhombisa ukuthi ngingakwazi ukubuyela kumaBhokobhoko,” kusho uSnyman etshela i-website yezombhoxo, iPlanet Rugby.
"Kuyajabulisa ukubuya. Ngaqala kancane ekuzilolongeni ngagcina ngilitholile ithuba lokudlala. Kube nezikhathi lapho ngiphazamiseke khona kodwa angikaze ngizizwe sengathi ngeke ngibuye."
IMunster izobhekana neGlasgow Warriors yaseScotland, kuma-quarterfinal e-URC ngoMgqibelo, iSharks izodudulana neqembu lase-Ireland, iLeinster, kanti iStormers izotholana phezulu neBulls kowomkhaya.
I-quarter-final yokuqala ezodlalwa ngoLwesihlanu, izoba phakathi kwamaqembu aphesheya i-Ulster neConnacht.