IPHINI lomqeqeshi weCell C Sharks, uJoey Mongalo, lituse abadlali ngokuzinikela kwabo emdlalweni we-United Rugby Championship (URC) obungoMgqibelo, nakuba beshaywe yiConnacht ngo-24-12.
UMongalo, oyinhloko yabaqeqeshi beqembu leSharks eligijima kwiCurrie Cup, uyena obehola isikwati ebesibunjwe kakhulu ngabadlali abancane ngesikhathi bedudulana neqembu lase-Ireland ngempelasonto.
Iningi labadlali abajwayele ukudlala kwi-URC lisale ekhaya nomqeqeshi uNeil Powell ukuze lizicijele umdlalo weHeineken Champions Cup lapho lizobhekana neqembu laseFrance, iBordeaux Begles, eHollywoodbets Kings Park ngoMgqibelo ntambama.
UMongalo uthe iqembu lakhe liwuqale kahle laphinde lawuvala kahle umdlalo kodwa lazenzela phansi ngokuvumela iConnacht ukuthi yengeze amaphuzu maphakathi nawo.
“Ngibone sengathi silwe kahle emizuzwini yokuqala engu-30 nengu-20 yokugcina. Umdlalo siwulahle emizuzwini yokugcina yesiwombe sokuqala kanye neyokuqala esiwombeni sesisibili," uMongalo usho kanje ecashunwa yiRugby365 ekhuluma ngemuva komdlalo.
“Ngesikhathi behamba phambili ngo-12-0 sekuphele imizuzu engu-38, thina sidlala siphambana nomoya nemvula, bengicabanga ukuthi sisethubeni lokunqoba.
"Sibe sesilahla ibhola nokuholele ekutheni bahambe phambili ngo-19-0. Nangemuva kwekhefu besihlasela, basiphuca ibhola balikhahlela phambili bathola amanye amaphuzu.
“Ngokwami, yilapho umdlalo ushintshe khona. Lawo maphutha amabili enze umehluko omkhulu. Ngaphambi nangemuva kwawo abafana balwe kahle kakhulu.
"Sibacele ukuthi bazinikele futhi basebenzise amandla abo. Bazinikele kakhulu kodwa bebengawasebenzisa kangcono amandla."
Unethemba lokuthi abadlali bazofunda okuthile emaphutheni abo.
ISharks ilele ndaweni yesishiyagalolunye kwi-log ye-URC ngamaphuzu angu-29 emidlalweni engu-10. Iqembu laseNingizimu Afrika eliphambili yiBulls, esendaweni yesithathu ngamaphuzu angu-39, kodwa esidlale imidlalo emibili ngaphezu kweSharks.
KwiHeineken Champions Cup iqembu likaNeil Powell lisendaweni yesine ku-Pool A ngamaphuzu ayisishiyagalolunye emidlalweni emibili.
Ngemuva kokubhekana neBordeaux Begles kule mpelasonto, iSharks izophothula imidlalo yamaqoqo kulo mqhudelwano neHarlequins e-England ngoMgqibelo ozayo.