Ukhathazekile uMandla Ntlanganiso, oyisikhulu esiphezulu esisha seBoxing South Africa (BSA), ngesibalo esincane samabhokisa akuleli akleliswe ezilinganisweni zomhlaba.
Esithangamini nabezindaba ePitoli, uNtlanganiso udalule ukuthi kuyihlazo ukuthi ezingeni lezisindo eziwu-17 zezinhlangano eziphethe amabhande omhlaba, awu-10 kuphela amabhokisa akuleli aku-top 15.
Uqhube wathi okunganambithiseki ukuthi kulezi zilinganiso bane kuphela ompetha bamabhande kazwelonke kuleli abasezilinganisweni zomhlaba. Isikhulu sinikwe isikhundla ngasekupheleni konyaka odlule. Phambilini besibanjiswe uNtsikayezwe Sithole.
Kulesi sithangami, uNtlanganiso ugcizelele ukuthi sesifikile isikhathi sokuthi amabhokisa ikakhulu angompetha kuzwelonke antante emalini njengabadlali bebhola lombhoxo.
Ucele zonke izinhlaka zomdlalo wesibhakela ukuthi ziiphakamise izindlela ezehlukile zokubeka ezamankomane kwelinye izinga.
"Ngamabhokisa awumgogodla wesibhakela. Ngaphandle kokwenzelela nokwesaba, ngamabhokisa okumele azuze kakhulu emalini," kubeka uNtlanganiso.
Uqhube wathi kumele kuqhanyukwe namasu amasha azokwenza ukuthi amabhokisa akuleli ahlale eseringini.
"Ngonyaka senza imiqhudelwano embalwa kakhulu kuleli. Lokhu kwenza amabhokisa ethu alwe izimpi ezimbili kuphela ngonyaka noma angangeni nhlobo eringini. Phesheya abashayisibhakela balwa kane kuya phezulu. Lokhu kwenza amabhokisa ethu alwa phesheya angena eringini enezimpi eziyisishiyagalombili. Ngakolunye uhlangothi awaphesheya angena eneziwu-27 kuya phezulu. Kukhona lapho esingenzi kahle khona. Asizibuzeni sonke ukuthi ikuphi bese siqhamuka nekhambi.
"Nasodabeni lokukleliswa kwamabhokisa ezingeni lomhlaba kumele sisebenze kanzima, ngobuchule. Isikhathi sidliwe yinja. Kumele siqinisekise ukuthi sikhiqiza ompetha bezifundazwe nabakazwelonke abazosimela kahle ezingeni lomhlaba. Kuqala amabhokisa ethu abehlale eseringini ngenxa yokuthi besinemiqhudelwano enjengoweBaby Championship, Premier Boxing League neminye," kuqhuba uNtlanganiso, wacela izinkampani ukuthi zisondele zizoxhasa umdlalo.
Ukuhlabe wakuhlikiza ukuhlehliswa noma ukubhuntsha kwemiqhudelwano ngemizuzu yokugcina.
"Siyazi ukuthi umnotho awumuhle, ophromotha bethu badonsa kanzima emalini. Nakuba kunjalo kuyihlazo ukuhlehla komqhudelwano sekusele usuku kuliwe noma kumenyezelwe ukubhutsha kwawo sekukalwa izisindo zamabhokisa. Sizolwa ngazozonke izindlela nale nkinga.“
IBSA iqhubeka nokusebenza lingekho ibhodi ebelikhethwe nguZizi Kodwa ongungqongqoshe woMnyango wezeMidlalo limisiwe inkantolo. INational Professional Boxing Promoters Association (NPBPA) eholwa ngu-Ayanda Matiti, inikele enkantolo isola uKodwa ngokungawulandeli umthethosisekelo weBSA ngesikhathi eqoka amalungu amasha ebhodi.