UKUBHEKE ngabomvu ukuqala kabusha eqenjini laphesheya kwezilwandle umdlali waphambili wamaBhokobhoko, uJoseph Dweba, kulandela ukuqinisekiswa kokuthi uyashiya kwiDHL Stormers ngesizini ezayo.
Iqembu lase-England, i-Exeter Chiefs, limemezele ngokusemthethweni ngoLwesibili ukuthi lo mdlali uzobe egijima kulona ngesizini ka-2025/26.
Lo mdlali odabuka eCarletonville, eGauteng, wadlala kwiLions emazingeni aphansi, ngaphambi kokudlulela kwiFree State Cheetahs. Wadlalela neqembu elincane lamaBhokobhoko kusukela ngo-2014 kwaze kwaba ngu-2015.
Washiya iCheetahs wayodlalela iqembu laseFrance iBordeaux Begles ngo-2020, wabuyela kuleli wajoyina iDHL Stormers ngo-2022, njengoba esezobuyela phesheya.
“Ngikubheke ngabomvu ukuba yingxenye ye-Exeter Chiefs. Ngisayine kuleli qembu ngoba ngikholwa wukuthi kunginika ithuba lokuba yingxenye yento ekhethekile ezokwenzeka kula masizini azayo,” kusho uDweba esitatimendeni esikhishwe yiChiefs.
UDweba (29) udlale okokuqala eqenjini lesizwe esikhulu ngesikhathi libhekene ne-Argentina ngo-Agasti ka-2021.
Akawatholi amathuba amaningi okudlalela kumaBhokobhoko njengoba esadlale imidlalo eyisithupha kuphela kuleli qembu. Eminyakeni edlule waba yingxenye yeqembu lesizwe lesibili, elaziwa ngeSA ‘A’.
Ubengomunye wabadlali abebemenywe ekhempini yamaBhokobhoko esanda kubanjelwa eKapa, okufakazela ukuthi usathathwa njengomunye wabadlali abasezingeni eliphezulu abadlala endaweni ye-hooker kuleli.
Kusazobonakala ukuthi ukulubangisa e-England kukaDweba kuzowakhuphula yini mathuba akhe okudlala njalo kanye nokuqinisa indawo yakhe eqenjini lesizwe. Umqondisi wezombhoxo kwiChiefs, uRob Baxter, ukholelwa ekutheni unakho konke okudingwa yiqembu lakhe.
“Sijabule kakhulu ngokusayinisa uJoseph inkontileka ende. Sibona engumdlali ozoletha okuningi eqenjini kuma-lineout nakuma-scrum, nangomfutho wakhe uma egijima enkundleni,” kusho uBaxter.
“Ungumdlali osezingeni eliphezulu oselikhombisile ithalente lakhe ezingeni lamazwe ngamazwe.”
ENdebeni yoMhlaba ka-2023, amaBhokobhoko ayethembele kuBongi Mbonambi, uMalcolm Marx kanye noDeon Fourie, osekhulile, endaweni ye-hooker.
Umqeqeshi uRassie Ersmus usanda kuphumela obala ngokuthi abanye abadlala kule ndawo basethubeni elihle lokulwela indawo eqenjini njengoba kubhekwe eNdebeni yoMhlaba ka-2027.