SITHEMBISO MKHIZE
NAKUBA uLindelani " Bram" Sibisi (24), esalelwe yizimpi ezimbalwa kodwa uthi akasigqizi qakala isipiliyoni sikamakadebona uSithembiso Maduna, azobanga naye isicoco esingaphethwe muntu seKZN Featherweight, ngoMgqibelo oQhomfaneni, Estcourt Town Hall.
Impi yosuku yomqhudelwano ohlelwa yiHlula-Dladla Boxing Promotions, iphakathi kukaMxolisi Zuma waseNdlangubo, eMpangeni no-Awonke Tini wase-Eastern Cape. Bazobanga ibhande le-WBF International Junior Featherweight.
Ngesikhathi kuvela eyesicoco seKZN Featherweight, kube nokukhathazeka kwabaningi ngenxa yokuthi uMaduna unesipiliyoni uma eqhathaniswa noSibisi ocijwa nguMtuseni Dube, eSibongile Gym, eDundee.
Ngaphandle kokunqoba izimpi eziwu-11 kweziwu-14, uMaduna uke walwela nesicoco sikazwelonke. Sekungumlando ukuthi wakhala ngaphansi kuka-Asanda Gingqi. Kanti nakwelandelayo wehlulwa futhi nguJeff Magagane.
Elwa ngoJulayi, uligezile igama eshaya u-Itumeleng Tsholo. Ngakolunye uhlangothi uSibisi usanqobe izimpi ezintathu, wahlulwa kwezimbili. NgoMashi ugcine eshaye isihlobo sakhe, u-Andile Sibisi.
Kweyandulela lena ubeshaye uZwelakhe Nhlapho.
Epikla uSibisi uthe:"Ukuthi unezimpi eziningi uMaduna akusho lutho. Ungaba nezimpi eziningi kanti bewuqhathwa namavukana. Akeze lapha, siyashaywa isibhakela eSibongile Gym. Kuningi engisafuna ukukuzuza, ngeke ngivijwe nguye. UMaduna akahlakaniphile, unesitayela esisodwa. Uma zimnetha kuduma upotiyane."
UHlula Dladla, ongumnikazi wenkampani ehlela le ndumezulu yomqhudelwano, unxuse abathandi besibhakela ukuthi baphume ngobuningi ukuzobuka izimpi. Wengeza ngokuthi inhloso yezimpi ukunika ithuba abashayisibhakela abasanda kwenyukela esigabeni esikhokhelayo.
"Yingakho lo mqhudelwano siwuqambe ngokuthi iVulamasango Boxing Tournament. Awu-16 amabhokisa azobe elwa okokuqala. Inhloso ukuwaveza kophromotha nakwizimenenja ngisho bangaphandle kwakuleli.
"Angingabazi ukuthi impi kaMxolisi no-Awonke izodonsa amehlo abaningi. Bobabili abawazi umpentshisi. Isinongo sempi ukuthi uma uTini eke washawa uzophuma ezilinganisweni zeBSA kwiJunior Featherweight, bese kungena uMxolisi. Lizophinde lonakale nerekhodi likaTini. Enye ezoba mnandi ngekaBrem esimbiza ngoFloyd Mayweather wakuleli. Ukube ubezithola izimpi ngabe ukude. Nale mpi izoba nomthelela ezilinganisweni zeFeatherweight," kubeka uDladla.
Uthe bahambise impi eMtshezi, ngoba befuna ukulekelela ekugezeni igama layo elidume ngezinto ezimbi. Izimpi ziqala ngo-2 ntambama kanti amathikithi abiza uR50.
"Eminyakeni edlule kule ndawo bekunamabhokisa abeshisa anjengoDancan Magubane. Wazama ukufaka isibhakela kule ndawo kodwa kwengenzeka. Sithe nathi asisondele. Inothile indawo yethu ngokukhiqiza izihlabani. Omunye wazo nguPhumlani "BMX" Mkhize, owadlala kwi-African Wanderers nakwiKaizer Chiefs. Naye uzobe ekhona ngoMgqibelo".