KWENYUSWE imiklomelo kwabazoshaya intambo emjahweni omkhulu weHarry Gwala District Marathon ezobe igijinywa okwesishiyagalolunye.
Esithangamini sabezindaba obekukhona kuso noMengameli weKwaZulu-Natal Athletic uSteve Mkasi nomdidiyeli walo mjaho uCeli Makhoba, kumenyezelwe ukuthi uzoba ngempelasonto yePhasika ngoMashi 31.
Ungeminye wemijaho osekuphele iminyaka kuhlungelwa ngawo iComrades Marathon kulonyaka ezosukela eThekwini, iphelele eMgungundlovu ngoJuni 9.
Ngenxa yalesi sizathu, imeya yesifunda iHarry Gwala, uZamo Nxumalo ithe kubaphoqile ukwenyusa imiklomelo yabo ukuze kusizakale abagijimi.
Ibanga lika-42km lizosukela e-Ibisi Police Station eMzimkhulu liphelele e-Ixopo High School ngaphansi kwemeya, uBathobile Ngubo.
Isibhamu sizoqhunyiswa yiMeya yaseMzimkhulu uJabu Msiya yaseMzimkhulu ngo-6 ekuseni. Kunemijaho yebanga lika-21km, 10km nelika-5km.
Imeya uNxumalo ithe abazoshaya intambo ku-42km bazoklonyeliswa ngo-R55 000. Nyakenye bekuwu-R50 000.
"Besifuna abazonqoba kulo nyaka ebangeni lika-42km baklonyeliswe ngo-R70 000. Akwenzekanga ngenxa yokushoda kwemali. Sibone kungcono sifake ngaphezulu u-R5000.
“Siphazanyiswe ukwehliswa kwesabelomali sethu nokwanda kwezidingo zomphakathi. Okuhle wukuthi sihlela ukuthi kuyo yonke iminyaka sengeze ngawo u-R5000. Lo mklomelo uzoze ufike ku-R100 000.
"Nyakenye lo mjaho siwenze ngoMeyi okube ynto abangayihandanga abagijimi njengoba ibisisondele iComrades. IKZNA iseluleke ngokuthi kulo nyaka siwenze ngoMashi ukuze abagijimi abaningi bezothola isikhathi esanele sokwenza izikhathi ezizobafaka kwiComrades.
“IHarry Gwala Marathon izophinde isize ukulungiselela labo asebezenzile izikhathi. Ayi ngoba singalihloniphi iphasika, sibone ukuthi ukuqondanisa umjaho nalo kuzosiza nosomabhizinisi bethu ukuhweba kangconywana,” kubeka uNxumalo.
Abazolala isibili ku-42km bazogoduka no-R30 000 bese kuba u-R20 000 kowesithathu. Kuzokhokhwa kuze kuyofika kweyeshumi. Kwelika-21km abazonqoba bazothola u-R10 000, kube u-R5000 kwelika-10km.
Imeya uNxumalo ithe bathathe isinqumo sokuklomelisa nezakhamuzi zaseHarry Gwala ezizofika kuqala esiphethweni somjaho. Kumele zibe ngamalungu amakilabhu akulesi sifunda kanti mabagijimele iGenius AC okuyiyo ehlela lo mjaho, Ixopo noMzimkhulu Strides.
Ithe inhloso enkulu yalokhu wukubagqugquzela ukuba ingxenye yalo mjaho. Ku-42km uzothola u-R3000, kube u-R2000 ku-21km kanti ku-10km uzoklonyeliswa uR1000.
Mayelana nemingenelo, bazokhokha u-R350 abafuna ukugijima u-42km bese kuba u-R300 ku-21km, ku-10km bazokhokha ur250 kuvale uR100 ku-5km.
Imingenelo ifakwa kule- website:https://www.eventtiming.info/entryonline.php?id=518, noma bagcwalise amafomu atholakala emahhovisi kamasipala iHarry Gwala, Umzimkhulu naseBuhlebezwe.