UPHUMELE obala ngesifundo esamqinisa ukhakhayi asithola ngesikhathi emiswa eqenjini lesizwe umdlali wasesiswini weMamelodi Sundowns, uJayden Adams.
U-Adams (23) wayesadlalela iStellenbosch FC ngo-Okthoba, nyakenye, ngesikhathi umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, emkhipha eqenjini elalizodlala emibili yokuhlungelai-Africa Cup of Nation neCongo.
Okwaqhatha lo mdlali nalo mqeqeshi odabuka eBelgium, ukuthi wafika ekhempini yelesizwe sesidlulile isikhathi kulandela ukunqotshwa kweStellies yi-Orlando Pirates kowamanqamu weMTN 8.
Lo mqeqeshi waphinde wamshaya ngolunye uswazi wameshiya ngaphandle ngesikhathi eqoka eleBafana elalizobhekana ne-Uganda neSouth Sudan kweminye yokuhlungela i-Afcon ngoNovemba.
Ubuyele esikwatini seBafana esidlale eyokuhlungela iNdebe yoMhlaba neLesotho neBenin ngoMashi nonyaka, wabhakuzisa inethi kuyona yomibili le midlalo.
“Bangemukela kahle ngesikhathi ngibuyela eqenjini. Umqeqeshi wangijezisa, ngazithoba ngasamukela isigwebo sami. Kwangivula amehlo lokho, ngalungisa amaphutha ami. Manje sengidlalela iqembu elikhulu futhi ngiyambonga uNkulunkulu ngalokho,” usho kanje u-Adams.
Ubuyele eqenjini lesizwe esengumdlali weMamelodi Sundowns, kulandela ukujoyina leli qembu lasePitoli ngewindi likaJanuwari lokuhwebelana ngabadlali.
Uthe nakuba kwakungelula ukufika asheshe azinze eqenjini elinenqwaba yabadlali abasezingeni eliphezulu kodwa ozakwabo nabaqeqeshi bamenzela umsebenzi waba lula.
“Bese ngidlalile nabadlali beSundowns eqenjini lesizwe. Akubanga lula ukufika eqenjini elisha ngidlale kahle kodwa ozakwethu bangikhuthaza kakhulu futhi bangenza ngazethemba. Ngiyababonga ngalokho, kanjalo nabaqeqeshi,” uqhube kanje u-Adams.
Ukujoyina iSundowns maphakathi nesizini kunike u-Adams ithuba eliyingqayizivele lokuthi akwazi ukudlala kwiCaf Champions League, ekubeni eqale ngokudlala kwiCaf Confederation Cup ngesikhathi esakwiStellies.
Lokhu kwenzeke ngenxa yokuthi inhlangano eyengamele ibhola e-Afrika, iCaf, yanquma ukuwuxegisa umthetho owawuvimba abadlali ekutheni badlalele amaqembu ehlukene emiqhudelwaneni yeCaf ngesizini eyodwa.
Njengoba iSundowns ilungiselela ukubhekana ne-Al Ahly emlenzeni wokuqala kowandulela owamanqamu weChampions League ozobanjelwa eLoftus Versfeld namuhla ngo-3 ntambama, u-Adams uthe bakulindele konke okuzokwenziwa yileli qembu lase-Egypt.
“Bangase bazame ukuvala emuva ngoba bayazi ukuthi yini edingekayo uma ufuna ukuwina isicoco, ikakhulukazi iChampions League. Noma kunjalo, thina sizilungiselele kahle. Kufanele sibahlasele sizame ukunqoba umdlalo,” kuphetha u-Adams.