USAGCINWE egunjini labagula kakhulu umpetha we-SA Bantamweight, uRonald Malindi, odutshulwe ngesonto eledlule.
UMalindi ulimale kabi ngesikhathi abantu abangaziwa bemdubula ekhanda esemotweni eWestbury, eGauteng, ephuma ejimini. Lo mshayisibhakela obesematheni ezinyangeni ezedlule kulandela ukuthenga kwakhe itekisi, ulaliswe esibhedlela eHelen Joseph Hospital e-Auckland Park. Selokhu elimalile uMalindi, abendima yesibhakela babambe umoya ngempilo yakhe.
Imenenja yesibhakela eGauteng, uHloks Ramagole, ithe odokotela balinde kwehle ukuvuvuka kwekhanda ngaphambi kokumhlinza uMalindi bakhiphe inhlamvu.
"Kufanele ngabe sebemhlinzile kodwa bekungehli ukuvuvuka ekhanda. Ngicabanga ukuthi kuzokwenzeka kusasa ngoba usukhona umehluko," kusho uRamagole.
Nakuba kusabanjwe umoya ngoMalindi kodwa uRamagole uveze ukuthi kukhona ushintsho esimeni abeyiso.
"Useyakwazi ukunyakazisa izandla nemilenze manje. Uyezwa nasezindlebeni. Besikhuluma naye ukuthi akafingqe isibhakela njengompetha wethu, wakwenza lokho. Okungenani kukhona okuhle nokuletha ithemba okwenzekayo. Ngizophindela futhi kusasa (namuhla) esibhedlela ngiyombona nesikhulu esiphezulu (Nsikayezwe) uSithole," kusho uRamagole.
UMalindi udutshulwe esanda kubuyela ejimini emuva kwesikhathi enyamalele. Ezinyangeni ezedlule, kubhuntshe impi yakhe yokuvikela ibhande le-SA Bantamweight kuLusizo Manzana e-East London. Le mpi ibizombeka ethubeni lokugcina unomphela leli bhande uma ewina kwazise uselivikele ngempumelelo amahlandla amane.
UMalindi akaze ahlulwe ezimpini ezingu-19 selokhu aqala isibhakela esikhokhelayo ngo-2013. Uwine ibhande laseMzansi ngo-2018 ehlula ngamaphuzu uMbulelo Dyani. Ulivikele ngempumelelo kuCleutus Mbhele, Michael Aries, Lwandile Sityata (ongasekho) nakuRofhiwa Nemushungwa. UMalindi uwine ibhande le-ABU ngo-2018, ehlula uMakazole Tete.