KUQAPHELEKE izinhlayiya zebohlololo emibhiyozweni yamaBhokobhoko yomlenze waseThekwini wokukhangisa ngenkomishi yeNdebe yoMhlaba, ngempelasonto kulandela ukungabonakali nangokhalo kwezilomo okugqame kuzona ukaputeni, uSiya Kolisi.
Abalandeli bebephume ngobuningi emzileni obekuzohamba kuwona ibhasi elinabadlali bamaBhokobhoko.
Kusukela amaBhokobhoko edle isicoco somhlaba (iWebb Ellis) kwiNew Zealand, eFrance ngeledlule, leli qembu lihambela izifundazwe ezithile zaseNingizimu Afrika lapho lifika khona libungaze nabalandeli okuqale ePitoli naseGoli ngoLwesine oludlule ngaphambi kokudlulela eKapa ngoLwesihlanu. Umjikelezo usongwe izolo e-East London, e-Eastern Cape.
NgoMgqibelo bekuyithuba labantu baseThekwini namaphethelo ukuba baphume ngobuningi babo bezobona ngamehlo amaqhawe abo.
Nakuba injabulo ibibhalwe ebusweni kubantu baseMhlanga, Durban North, KwaMashu, KwaDabeka, Pinetown naseKloof abebeyikake yonke imizila obekuzodlula kuyona ibhasi ebelithwele leli qembu lesizwe kodwa bekulokhu kuvele njalo ukuthi kukhona abaphoxekile ngokungabonakali kukaKolisi, Handre Pollard, Faf de Klerk, Trevor Nyakane noCheslin Kolbe ngokwahlukana.
Ngaphambi kokuqala kwale mijikelezo yamaBhokobhoko, leli qembu lesizwe likuchazile ukuthi kukhona imibhiyozo abangeke baphelele kuyona abadlali ngenxa yezinkontileka namaqembu abadlala kuwo, nezizathu ezithinta imindeni yabo.
KweyaseGauteng naseKapa imibhiyozo, belibukeka sengathi liphelele okwenze nabaseThekwini bazitshela ukuthi kuzobe kunjalo.
UBongi Mbonambi, Makazole Mapimpi no-Eben "Elizabedi" Etzebeth, ibona abebenza obekufanele ngabe kwenziwa uKolisi ngenkomishi nangezinkulumo.
Emabhasini obekuhamba ngawo izikhulu zikahulumeni wesifundazwe nabezindaba kugcine kuvelile ukuthi uKolisi ubanjwe isizathu esithinta umgcagco emndenini.
Omunye wezikhulu ebezikuleli bhasi elivuleke phezulu ongagunyaziwe ukukhuluma nabezindaba uveze indaba yomshado kamfowabo kankosikazi kaKolisi, uRachel.
Nakuba kungazange kucace ukuthi lo mshado unini kodwa umfowabo kaRachel, uJoel Smith, uzoshadelwa maduze isilomo sombhukudi wama-Olympics wakuleli, uTatjana Scheonmarker.
"Kulungile akekho umholi wethu ofana nesibani uKolisi okunguyena ebengifuna kakhulu ukushutha naye kodwa kungiphoxile ukuthi nesoka lami uPollard alikho," kusho omunye usisi obeziphophothile esiteshini KwaMashu ongathandanga negama lakhe.
"Ngiphoxekile ukuthi uKolisi akekho kodwa ukubona, uLukhanyo (AM), kungithobe inhliziyo. Inkinga manje isikudadewethu ongasafuni ukuba lapha ngoba akekho uFaf (de Klerk)," kusho uSimphiwe Khoza wasePinetown.
Ngesikhathi ibhasi lamaBhokobhoko lisuka eMhlanga ngoMgqibelo ekuseni bese kucacile ukuthi kukhona abadlali abangekho obekwenza abanye abalandeli bakhethe ukubuyela emakhaya behamba bechaya izandla.
Isithangami nabezindaba ebesihleliwe asibangakhona kwazise bese kumele AmaBhokobhoko angene endizeni afulathele i-KZN.