KUBHEKWE izinga eliphezulu emjahweni i-Absa Run Your City Durban 10km ozogijinywa eThekwini, osuka eMasabalala Yengwa Avenue, usongwe eDurban Beachfront ngeSonto ekuseni.
Lo mjaho ungenelwe ngabasubathi abasezingeni eliphezulu. Kubhekwe uKabelo Mulaudzi weBoxer Athletics Club okunguyena owawunqoba nyakenye ngesikhathi esingu-27:56 nonenselelo yokuvikela isicoco sakhe.
Omunye obhekiwe nguPrecious Mashele naye ogijimela iBoxer Athletics Club, owawunqoba lo mjaho ngo-2022.
Abanye ababhekiwe nguMaxime Chaumeton nezingwazi zakuleli ezizivivinyela ukuyoyibamba kuma-Olympics okubalwa kuzo u-Elroy Gelan noStephen Mokoka.
Kwabesifazane kubhekwe uGlenrose Xaba osanda kulala isibili kwiDurban Spar Women’s Challenge emasontweni amabili edlule elandela uTadu Nare wase-Ethiopia.
Kulo mjaho weRun Your City Durban, uXaba uzodlana imilala noCacisile Sosibo noJenet Mbhele osanda kwenza kahle kwiComrades Marathon ngenyanga edlule lapho aphuma khona endaweni yesishiyagalombili.
“Ngiziqeqeshe ngokwanele kula masonto ayisithupha edlule. Imvamisa ngiyaye ngibe qatha ngokwanele ngezikhathi zoJuni, okuyingakho-ke nginethemba lokuthi ngizokwenza isikhathi esihle kulo mjaho engiya kuwona.
Inhloso kulo mjaho wangeSonto wukuthi ngishaye isikhathi esingaphansi kwemizuzu engu-28, ngibe phakathi kwabathathu abazoqeda phambili.
Angifuni ukugxila kakhulu ekuvikeleni isicoco kodwa ngifuna nje ukuthokozela umjaho ngoba umjaho nomjaho uyinselelo. Ukunqoba sekungaba yibhonasi,” kusho uMuladuzi.
UMulaudzi uza kulo mjaho nje ubhekene nobunzima ezinyangeni ezine ezedlule kwazise ngoMashi ehlulekile ukuqeda umjah i-World Cross Country Championship owawugijinyelwa eSerbia ngenxa yokulimala.
Kowe-Absa Run Your City Cape Town, ngoMeyi, nakhona akenzanga kahle eshaya isikhathi esingu-29:52.
UMashele uthe: “Siwuhlelele kahle umjaho. Ngingakujabulela ukuqeda kwabaphambili.”
UMashele owawunqoba okokuqala lo mjaho ngo-2021, usaphethe irekhodi lika-10km lalo mjaho. Ngo-Ephreli ulale isithathu emlenzeni walo mjaho obuseGqeberha.