UKUBA sezingeni eliphezulu kweDurban International Marathon sekuholele ekutheni ibe yithemba lokuya kuma-Olympic Games kubaphathi bezokugijima kuleli.
Izolo esithangamini sabezindaba eThekwini, kumenyezelwe ukuthi lo mjaho ongaphansi kwesigaba seWorld Athletics Label Road Race, uzogijinywa ngo-Ephreli 28.
Ngaphansi kwawo kuzophinde kucushiswe amaSA Marathon Championships.
Usunconywe kakhulu umzila okugijinywa kuwo lo mjaho. Abasubathi benza izikhathi ezinhle kakhulu kuwo. Ubufakazi ngamarekhodi aphulwe kowangonyaka odlule.
Kwabesilisa, uTebello Ramakongoane waseLesotho uliphule ngesiwu-2:10.11.
Lesi sikhathi simfake eqenjini ebelikumaWorld Athletics Championships, eBudapest, eHungary. Kwi-marathon (kumaWorld Champs) uphume eyesine ngesiwu-2:09.57.
KwiDurban International irekhodi liphinde laphulwa yintokazi, u-Annie Bothman ngesiwu-2:30.31.
Kukhale ihlombe uSteve Mkasi, umengameli weKwaZulu-Natal Athletics (KZNA) ememezela ukuthi kulo nyaka ne-marathon engaphansi kweConfederation of Africa Athletics Region 5 Championships, azoba ngaphansi kweDurban International.
"Lokhu kuyizinkomba zokuba kuhle komzila wethu. Wonke umuntu ufuna ukuhlungela ama-Olympic ngawo, okusho ukuthi umjaho walo nyaka uzogijinywa yizinyamazane zase-Ethopia naseKenya. Silindele ukuthi kwenziwe izikhathi ezinhle," kubeka uMkasi.
Uveze nokuthi sekuqinisekisiwe ukuthi bayeza abagijimi okubalwa uTigabu Gebramariam wase-Ethiopia noBernard Rotich waseKenya abanezikhathi ezingaphansi kuka-2:10.
UMkasi umemezele nokuthi bazogoduka no-R75 000 abazoshaya intambo. Nyakenye bekuwu-R50 000.
Abazokwephula amarekhodi anyakenye ngemizuzwana ewu-30 bazonikwa uchatha ka-R2500 bese abazowaqhephula ngewu-31 kuya ku-60 bangezelwe ngo-R500.
Abazowaphula ngemizuzwana ewu-90 bazongezelwa ngo-R10 000. Abazogijima isikhathi esingaphansi ngemizuzu emithathu bazokwengezelwa ngo-R30 000.
Lokhu kusho ukuthi basethubeni lokugoduka no-R105 000 abagijimi abazoshaya izikhathi ezinhle.
Abesilisa abafuna ukuya kuma-Olympic, kumele benze u-2:08.10, kwabesifazane u-2:26.50.