USHAYWE wayivuma induku uHekkie "Hexecutioner" Budler obeyozama ukubuya nezicoco ze-WBC ne-WBA Super Light Flyweight njengoba eshaywe nguKenshiro "The Amazing Boy" Teraji waseJapan, ngomcacamezelo womlalisa phansi, ngoMsombuluko, e-Ariane Arena, eTokyo.
UBudler ubeyiqale kahle impi ephendula kahle izibhakela ebezithunyelwa uTeraji ekhanda nasemzimbeni.
Izinto ziqale ukushintsha ngomzuliswano wesithupha njengoba umpetha enyuse igiya ngemuva kokuthi elimale ngenhla kweso lwesokunxele.
Bekulindeleke ukuthi uBudler adedele izibhakela ezinzima kulona iso njengoba uTeraji ubesopha. Nokho kuvele kwaba uTeraji okube sengathi uthelwe ngezibonkolo. Lokhu kuholele ekutheni uBudler athwale kanzima.
Ikhona likaBudler, obekukhona kulo uCollin "Nomakanjani" Nathan noBennie Pailman, lizwakale limcebisa ngokuthi akangavumi ukuma phambi kukaTeraji obekucaca ukuthi izibhakela zakhe bezihlala kuzwele.
Ngomzuliswano wesishiyagalolunye uTeraji ulinyuse kakhulu izinga. Udedele umlibe wodalimende bezibhakela oshiye uBudler efana nenkukhu enethiwe. Ebona unompempe waseMexico, uGuadalipo Garcia, ukuthi kuzophuma isidumbu, ungene phakathi kwala mabhokisa wayiqeda impi.
Ngemuva kwempi, uBudler ubonakale eya kumpetha eyivuma induku. Uze watshela nonompempe ukuthi kumfanele uTeraji ukuba umpetha.
UBudler ubehlulwa ihlandla lesine selokhu asiqala isibhakela esikhokhelayo. Unqobe izimpi eziwu-35.
Ngakolunye uhlangothi, uTeraji usenqobe eziwu-22, wahlulwa kweyodwa. Bekungokwesithathu uTeraji evikela la mabhande ngesikhathi esisodwa.
UBudler ufulathele iNingizimu Afrika egcwele ukuzethemba okuyinqaba kwazise ngesikhathi eyolwa kuleliya zwe lase-Asia ngo-2018, wahamba kahle.
Wabuya namabhande e-WBA Super nele-IBF Light Flyweight eshaya uRyoichi Taguchi wakhona eJapan
Ukwehluleka kukaBudler ukubuya nebhande le-WBC kuchaza ukuthi lisaqhubeka ishobolo lakuleli lokugqoza kompetha bale nhlangano ebalwa nehamba phambili emhlabeni. Babili kuphela abashayisibhakela asebekwaze ukuliphatha. Kwaqala uThulani "Sugar Boy Malinga ngo-1996, owashaya uNigel Benn wase-UK. Kwalandela uDingaan "The Rose of Soweto" Thobela owanqoba ngo-2000, ehlula uGlenn Catley wakhona e-UK. Bobabili banqoba i-WBC kwiSuper Middleweight.