UYABALISA umqeqeshi kampetha we-SA Bantamweight, uRonald Malindi, okuvela ukuthi udutshulwe kabili ekhanda ngoLwesibili ntambama.
USean Smith weSmith's Boxing Gym yaseGauteng, uziqinisekisile izindaba zokulimala kukaMalindi eWestbury, eGauteng, okuvukwe izolo sezisabalele ezinkundleni zokuxhumana.
UMalindi ulaliswe egumbini labagula kakhulu esibhedlela iHelen Joseph, eGauteng. Ngokusho kukaSmith, lo mpetha ubuyele ejimini ngoLwesibili emuva kwesikhathi kade bamgcina.
Uthe bekunesikhathi emncenga ukuthi abuye emuva kokunyamala kulandela ukubhuntsha kwempi yakhe yokuvikela ibhande laseMzansi kuLusizo Manzana, ezinyangeni ezimbili ezedlule e-East London.
Le mpi ebizokwenza aligcine unomphela ibhande le-SA Bantamweight uma eliwina, ibhuntshe ngenxa yokuphambana kwemibono phakathi kukaSmith nophromotha, uTeris Ntuthu weRumble Africa Promotions (RAP).
"Kubuhlungu okwenzekile. Ubebuyile ejimini emuva kwesikhathi ngilokhu ngimbelesele ngokuthi kufanele ajime. Emini uphumile nabanye ozakwabo oTuls (Thulani Mbenge).
Sesiqede ukujima, uhambile waya ekhaya. Ngizwe ngentombi yakhe ukuthi uRonald usedutshuliwe eWestbury. Kuthiwa inhlamvu isabhajiwe ekhanda lakhe. Konke sesikushiyela kuMdali. Ungomunye wethu, ufana nendodana yami," kusho uSmith.
Ngokusho kwamaphoyisa aseGauteng, ayikaziwa imbangela yokudutshulwa kukaMalindi. Kuvulwe icala lokuzama ukubulala.
UMalindi akaze ahlulwe ezimpini ezingu-19 selokhu aqala isibhakela esikhokhelayo ngo-2013. Uwine ibhande le-SA Bantamweight ngo-2018 ehlula ngamaphuzu uMbulelo Dyani eGauteng.
Ulivikele ngempumelelo kuCleutus Mbhele, Michael Aries, Lwandile Sityata (ongasekho) nakuRofhiwa Nemushungwa. Uwine ibhande le-ABU ngo-2018 ehlula uMakazole Tete.
UMalindi uke waba sematheni esibhakeleni ngokushayela itekisi ezama ukuziphilisa ngo-2020.
"Isimo asisihle esibhakeleni sethu. Ngesibhakela, siyazama ukubasusa emgwaqweni kodwa isimo sigcina sibaphindisele khona," kusho uSmith.
Kulimala uMalindi nje, ekuqaleni konyaka kubulalwe ngodutshulwa uMfusi Maxhayi owayengumpetha we-IBO International ne-WBF Intercontinental e-Eastern Cape.