INHLANGANO eyengamele isibhakela eNingizimu Afrika, iBoxing South Africa (BSA), izobhunga eyokuhlonipha umpetha we-SA Bantamweight ongasekho, ngebhande alishiye eselivikele amahlandla amane.
Sikhulu isililo ngokudlula emhlabeni komshayisibhakela, uRonald "King" Malindi (27), oshone ngoMgqibelo emuva kwamasonto elaliswe esibhedlela iHelen Joseph Hospital, eGoli, emva kokudutshulwa ekhanda ngenyanga edlule.
Emasontweni amabili adlule leli phephandaba libike ukuthi odokotela balinde ukuthi kwehle ukuvuvuka kwekhanda likaMalindi ngaphambi kokumhlinza, bakhiphe imhlamvu ebibhajwe phakathi.
Kodwa emuva kokubona ubucayi besimo sakhe, banqume ukuyivalela ngaphakathi. UMalindi ushone engakaze ahlulwe ezimpini ezingu-19 futhi eselivikele amahlandla amane ibhande laseMzansi.
Ngokomthetho weBSA, uma umpetha eselivikele kahlanu ibhande, uyaligcina kube ngelakhe.
Imenenja yeBSA yesifundazwe iGauteng, uHloks Ramagole, ithe izolubeka kuNsikayezwe Sithole, oyisikhulu esiphezulu seBSA, udaba lwebhande likaMalindi kwazise ubesalelwe wukulivikela okokugcina.
Impi yokulivikela ibhuntshe ngemizuzu yokugcina ezinyangeni ezedlule.
"Ngizokhuluma noJobe mayelana nokuthi ibhande likaMalindi linikezwe umndeni wakhe, ukuze uzohlala umkhumbula ngalo. Ngaphezu kwalokho ngiyafisa ukuthi ahlonishwe ngezimpi.
Ubesalelwe wukulivikela kanye ibhande lakhe, bese eyaligcina. Kuyivela kancane ukuthi umshayisibhakela avikele ibhande kaningi kangaka.
Eminyakeni eyishumi, nguMhlongo (Nkululeko) kuphela ovikele ibhande lakhe amahlandla ayisihlanu. Ngakho ngicabanga ukuthi kuzoba yinto enhle ukuthi ibhande likaMalindi lidluliselwe emndenini wakhe," kusho uRamagole.
UMalindi waqala isibhakela esikhokhelayo ngo-2013 ehlula uVuyo Majavu empini yemizuliswano emine. Ngo-2017 wawina ibhande le-African Boxing Union (ABU) ehlula u-Alexander Gambinda.
Ngonyaka olandelayo wahlabana ngelaseMzansi ehlula uMbulelo Dyani. Emuva kwezinyanga ezimbalwa uphinde wawina ele-ABU ehlula uMakazole Tete wase-Eastern Cape.
Ubuqhawe bagqama esevikela ibhande laseMzansi ephindelela kuCleutus Mbhele, Michael Aries, Lwandile Sityatha nakuRofhiwa Nemushunga agcine ukungena naye eringi nyakenye.
Ukushona kukaMalindi, obekusabhekwe lukhulu kuyena, kushaqe abaningi endimeni yesibhakela. Abanye babhale ezinkundleni zokuxhumana bekhalisa umndeni wakhe, abaqeqeshi nozwakwabo ejimini.