KUZOCACA kusihlwa ukuthi iHollywoodbets Sharks isikuliphi izinga kule sizini uma isidudulana neqembu elihamba phambili kwi-United Rugby Championship iLeinster.
Lo mdlalo obhekwe ngabomvu uzoqala ngo-7.15 kusihlwa eHollywoodbets Kings Park.
ILeinster izotheleka eThekwini inolaka kulandela ukuhlulwa okokuqala kule sizini ngempelasonto edlule, inqotshwa yiVodacom Bulls ngo 21-20 eLoftus Versfeld, ePitoli.
ISharks inqobe kanzima kowayo wakamuva, ishaya iZebre yase-Italy ngo 35-34 eKings Park.
Iqembu likaJohn Plumtree lihlose ukwenza uhambo lweLeinster lwaseNingizimu Afrika kube yinto elizofuna ukuyikhohlwa ngokushesha ngokuthi liyiqumbe phansi njengoba kwenze iBulls.
Okufanele kunikeze leli qembu ukuzethemba wukuthi nakuba lingazange lidlale kahle kuyona yonke imidlalo kodwa alikahlulwa ekhaya kwi-URC kule sizini.
UPlumtree akalishintshanga kakhulu iqembu elinqobe iZebre emdlalweni odlule.
UJames Venter uzoqala endaweni kaPhendulani Buthelezi phambili, bese u-Andre Esterhuizen eqala kwi-centre. U-Ethan Hooker usebekwe ophikweni, kwathi uYaw Penxe wahlehliselwa kwi-fullback.
UPlumtree ulindele ukuthi uLeinster ilikhahlele kakhulu ibhola, izame ukucindezela iqembu lakhe engxenyeni yalo yenkundla.
"Bazoya emoyeni. Babonile ukuthi sithwale kanzima kulowo mnyango ngesonto eledlule. Ngicabanga ukuthi sithole amabhola amabili kwayisishiyagalombili abesemoyeni, ekubeni sidinga ukuwina okungenani ingxenye yawo,” kusho lo mqeqeshi.
“Sinomdlali ohamba phambili uma kukhulunywa ngamabhola asemoyeni, uMakazole Mapimpi. Uke wahlala engadlali njengoba ebemisiwe kodwa uziqeqeshe kahle kuleli sonto.
"U-Ethan naye unomzimba, silindele ukuthi naye aphakame, azame ukunqaka ibhola. Kuzoba kuhle nokubona uYaw edlala emuva. Akuyona indawo yakhe kodwa ngiyamethemba futhi uma enze kahle uzophinde alithole ithuba lokudlala khona ngelinye ilanga.”
ILeinster iqhwakele kwi-log ye-URC ngamaphuzu angu-58 emidlalweni engu-13 kanti iSharks isendaweni yesine ngamaphuzu angu-44.