ICELL C Sharks isikuqinisekisile ukuqashwa kukaJohn Plumtree njengomqeqeshi omusha weqembu elikhulu.
UPlumtree, oseke wadlalela waphinde waqeqesha iSharks phambilini, uzosizwa nguDave Williams, naye okhuza ibuya kuleli qembu.
Lokhu kusho ukuthi uNeil Powell, othathe izintambo zokuqeqesha ngasekupheleni konyaka odlule kulandela ukushiya kukaSean Everitt, uzobuyela esikhundleni sakhe njengomqondisi wezombhoxo kwiSharks.
UPlumtree, odabuka eNew Zealand, waqala ukuba yingxenye yethimba labaqeqeshi beSharks ngo-2007, ngesikhathi eyiphini likaDick Muir, wagcina eseyinhloko yabaqeqeshi kusukela ngo-2008 kuya ku-2012.
Ngesikhathi ephethe izintambo, iSharks yanqoba iCurrie Cup ngo-2008 nango-2010, yafinyelela kowamanqamu weSuper Rugby ngo-2012.
Udlale kuleli qembu kusukela ngo-1988 kuya ku-1997 njenge-flank, wanqoba iCurrie Cup ngo-1990 nango-1996.
Uke waqeqesha eWales naseNew Zealand futhi waba yiphini lomqeqeshi kuma-All Blacks kusukela ngo-2020 nango-2022.
“ITheku bekuyikhaya lami lesibili iminyaka eminingi futhi ngibe nesikhathi esihle kakhulu njengomdlali nomqeqeshi. Ngikubheke ngabomvu ukubuyela eqenjini leSharks nokusebenza nabadlali abanekhono,” kusho uPlumtree.
“ISharks yiqembu elikhulu elaziwa umhlaba wonke futhi wonke umuntu ohambisana nalo ubheke imiphumela emihle. Akungabazeki ukuthi iqembu kufanele liphumelele futhi ngizimisele ukwenza konke ukufeza izinhloso zethu nokwenza abalandeli bethu baziqhenye.”
ISharks isingasemaphethelweni omqhudelwano i-United Rugby Championship, lapho izobhekana khona neLeinster yase-Ireland kowe-quarter-final ngoMgqibelo ngo-6 ntambama.
UPowell uzoqhubeka nokucija leli qembu kulo mncintiswano ngaphambi kokuthi izintambo aziphose kuPlumtree.
“Lesi yisikhathi sokuqala kabusha njengoba uPlum (Plumtree) ezophatha izintambo esebenzisana noDave Williams. Yisikhathi esijabulisayo nethuba elihle lokwamukela abaqeqeshi ababili abanamava, abaqonda usiko lweqembu futhi abaziyo ukuthi kudingekani ukuze ugqoke leli jezi,” kusho uPowell.
“UPlum ungumqeqeshi omnkatshubomvu, okhaliphile futhi oseqeqeshe ezingeni eliphezulu. Siyakuthokozela ukubuyela kwakhe kwiSharks futhi nginesiqiniseko sokuthi ukubheke ngabomvu ukuqala umsebenzi ngoJulayi, njengoba sizobe silungiselela isizini ezayo.”