KUQHILIKA izihlathi kuVusi Mtolo ongumqeqeshi wezamankomane waseClermont, eThekwini, kulandela ukwenza kahle kwamabhokisa akhe emqhudelwaneni weGolden Gloves obese-Emperors Palace, eGoli, ngempelasonto.
Kwenzeka lokhu nje, uMotolo ubesanda kubalisa ngemuva kokuthi ibhokisa lakhe, u-Ellen "Tigress" Simwaka, lishaywa ngamaphuzu uMea Motu waseNew Zeland, empini ye-IBO World Junior Featherweight emqhudelwaneni obukulona leliya lizwe.
Nokho ngoMgqibelo, Emperors ugezeke igilo. Ibhokisa lakhe uRicardo "Magic Man" Malajika, lishaye ngamaphuzu uKevin Luis Munoz wase-Argentina, empini yebhande ebelingaphethwe muntu le-IBO World kwi-Junior Bantamweight. Elinye, uShervontaigh Koopman, livikele ibhande likazwelonke le-Junior Middleweight lishaya ngomcacamezelo womlalisa phansi uBrandon "Fast Guns" Thysee. Elesithathu bengu-Roarke "Razor" Knap onqobe ngamaphuzu kuPrzemyslaw Zysk wasePoland, empini yokungcweka kwi-Junior Middleweight.
Ngemuva kwezimpi, uMtolo ocijela amabhokisa akhe eBrian Mitchell Academy, uthe: “Abaqeqeshi bazo zonke izinhlobo zemidlalo bazokutshela ukuthi kubuhlungu kangakanani ukuhlulwa. Nakumina kube ngokufanayo kuhlulwa u-Ellen, eNew Zealand. Nakuye bengibona ukuthi kubuhlungu kakhulu. Selokhu ngizimele u-Ellen ubezoba ibhokisa lami lokuqala eliphethe ibhande lomhlaba. Nokho manje sekuxoxwa indaba ehlukile. Abafana bami bangijabulisile e-Emperors Palace, babuyise ukujabula empilweni yami. Ngenxa kaMalajika sesinompetha wokuqala webhande lomhlaba. Ngibonga ngiyanconcoza kubo bonke abashayisibhakela bami.”
UMtolo usekhiqize inqwaba yoshampeni esebenzela uNick "Mthakathi" Durandt noColin Nathan. Amabhokisa adlule esandleni sakhe kubalwa uMoruti "Babyface" Mthalane noHekkie "Hexecutioner" Budler.