UMPETHA wesibhakela wesifazane, uThema "Stone Cold" Zuma, uzinikele ukugqugquzela isibhuda ukuthi singene kwezamankomane.
UZuma waseDududu, eMkhomazi, ngomunye wompetha ababili baseNingizimu Afrika abadabuka esifundazweni iKwaZulu-Natal. Uphethe ibhande le-SA Female Bantamweight aliwine nyakenye ehlula uBathabile Ziqubu waseMnambithi.
UZuma ubekhuluma eShaka Marine World ngesikhathi kwethulwa ngokusemthethweni uhlelo olusungulwe yiBoxing South Africa (BSA) oluzozungeza zonke izifundazwe, iThe Rise of Women In Boxing, oluhambisana nezimpi okuzoqhuthana kuzona abesifazane kuphela.
Izimpi zaseKZN zihlelwe ngophoromotha besifazane abane, okuyiMvelo Boxing Promotions kaNomvelo Magcaba-Shezi, Starline Boxing Promotions kaZandile Malinga, Hle-Jobe Boxing Promotions kaHlengiwe Dladla neSugarboy Boxing Promotions kaNomfundo Malinga.
Izimpi zizoba se-Olive Convention Centre, eThekwini, kusasa ngo-6 ntambama.
"Ngisuka emakhaya eMkhomazi, eDududu. Kunzima uma kuza esibhakeleni. Namuhla ngingumpetha waseMzansi futhi ngiwine umklomelo weFemale Fight of The Year.
Kukhomba khona ukuthi isibhakela sabesifazane siyasivusa ukuze nabanye bezokhuthala. Ibhande engiliphethe, kusazoza okukhulu kakhulu. Angigcinile," kusho uZuma.
UDladla weHle-Jobe Boxing Promotions uthe: "Sijabule kakhulu ukubona abesifazane benesasasa lokungena esibhakeleni. Siyafisa ukuthi siqhubekele phambili sibanxenxe ezindaweni zonke, babone ukuthi kuyenzeka.
Angijabule ngesibalo sabashayisibhakela besifazane esinabo okwamanje. Sisazosebenza kanzima ukuthi sibathole abanye."
Empini yokusuku kusasa, umpetha waseMzansi uMapule Ngubane waseMgungundlovu uzovikela ibhande lakhe kuRushda Malik aliwine kuyena nyakenye. Izovulelwa ngekaZuma noChimwemwe Banda waseMalawi.
UZandile Malinga weStarline Boxing Promotions uthe nakuba besalwa nenkolelo yokuthi isibhakela ngesabesilisa kuphela kodwa siyanda isibalo sabesifazane abangena kwezamankomane.
"Sizoqhakambisa indaba yethu singabesifazane esibhakeleni. Sithi nakhu lapho esesikhona. Siqhathe cishe bonke abashayisibhakela besifazane esinabo esifundazweni.
Abangekho abathathe izimpi kwezinye izindawo noma esingavumelekile ukubafaka ngokulawulwa yimithetho. Ngiyajabula kakhulu ngoba kade ngilokhu ngingedwa kulo mkhakha.
Manje sekukhona nabanye. Lokhu kuyakhombisa ukuthi siyathuthuka singabesifazane esibhakeleni," kusho uMalinga.