KUVUNGUZA umoya wenjabulo ekhempini yeqembu lesizwe lebhola lombhoxo, amaBhokobhoko, ngemuva kokubona inqubekela phambili ngesikhathi leli qembu lihlangene eThekwini kuleli sonto.
Umqeqeshi weqembu, uJacques Nienaber, nokaputeni, uSiya Kolisi, baveze ukuthi bajabule ngokuthuthuka abakubonile.
Lena bekuyikhempu yesibili eThekwini kulandela eyayinabadlali abambalwa eyaqala ngoMeyi 17 kuya kuMeyi 19.
UKolisi ubeyingxenye yawo womabili yize esaqhubeka nokululama ngemuva kokuhlinzwa idolo.
AmaBhokobhoko azophinde ahlangane ePitoli ngoJuni 11 lapho ezoqinisa khona amalungiselelo eRugby Championship ezoqala ngoJulayi. Kulo mqhudelwano azobhekana ne-Australia, New Zealand ne-Argentina.
Lokhu kuzolandelwa yimidlalo emithathu yokuzilolonga ngo-Agasti ngaphambi kweNdebe yoMhlaba.
“Sijabule ngesisekelo esisibekile emakhempini ethu amabili eThekwini nakwamanye ayeseKapa naseStellenbosch ekuqaleni kwalo nyaka. Sikholwa wukuthi sinesisekelo esiqinile esingakhela kuso njengoba siqala ukulungiselela iRugby Championship,” kusho uNienaber.
“Abadlali basebenze kanzima futhi bayazi ukuthi silindeleni kubo njengoba silungiselela imiqhudelwano yamazwe ngamazwe. Sibe nenhlanhla yokuba nabadlali abaningi kule khempu yokugcina futhi bekujabulisa ukubona inqubekela phambili eyenziwe yilaba abalimele, abathole ithuba elibalulekile lokusebenza nethimba lethu lodokotela.”
NgoLwesithathu bekusele izinsuku ezingu-100 ngaphambi kokuthi kuqale iNdebe yoMhlaba ezodlalelwa eFrance kusukela ngoSepthemba. UNienaber noKolisi bakuthokozele ukugubha lolu suku neqembu.
“Akukholakali ukuthi sekudlule cishe iminyaka emine selokhu saphakamisa indebe, iWebb Ellis, eJapan. Abadlali basebenza kanzima ukuze sizinike ithuba elingcono lokuvikela isicoco sethu,” kusho uKolisi.
“Ukujabula nabalandeli esikhumulweni sezindiza nasemigwaqeni ezweni lonke yinto esingasoze sayikhohlwa. Yize sazi ukuthi le ndebe yomhlaba izoba yinselelo enkulu, singathanda ukuzwa leyo mizwa futhi sijabulise nabantu bakithi.
“Sinezinsuku ezingaphansi kwezingu-100 ukulungiselela umqhudelwano futhi sizokwenza konke ukuqinisekisa ukuthi siwulungele ngokomzimba nangokwengqondo,” kuphetha uKolisi.