NGAPHAMBI kweNdebe yoMhlaba bekunzima ukuqagela ukuthi amaBhokobhoko azosivikela isicoco ngenxa yamaqembu aphezulu obekumele abhekane nawo endleleni ebheke empumelelweni.
Abeseqoqweni elilodwa ne-Ireland neScotland, abayingxenye yamaqembu ayisithupha akleliswe aba phezulu emhlabeni.
I-Ireland engene emqhudelwaneni ikleliswe endaweni yokuqala emhlabeni, ilona kuphela iqembu elikwazile ukushaya elakuleli behlangana kowamaqoqo.
Emidlalweni yomkhumulajezi aphinde abhekana namanye amaqembu abalwa nahamba phambili okuyiFrance, England neNew Zealand.
Okukhombisile ukuthi lawa ngamazwe anzima, yomithathu le midlalo, elakuleli linqobe ngephuzu elilodwa, okuyinto engajwayelekile ebholeni lombhoxo.
Lidlule ngo 29-28 kwiFrance kuma-quarterfinal, laphunyuka ngo 16-15 kwi-England kowandulela owamanqamu, lase livala neNew Zealand kowamanqamu, linqoba ngo 11-12 ngoMgqibelo.
“Indlela yethu ibinzima impela kodwa besazi ukuthi kufanele silwe. Umqeqeshi uJacques (Nienaber) nomqeqeshi uRassie (Erasmus) bebehlezi besitshela ukuthi izinto ezinkulu azitholakali kalula,” kusho ukaputeni wamaBhokobhoko, uSiya uKolisi esithangamini nabezindaba ngemuva komdlalo wamanqamu.
“Lesi bekungesona isimo esilula. Akulula neze ukubhekana neqembu ezweni lalo (France). Siphinde sadlala ne-England kwadingeka ukuthi silwe njengoba siphinde senza sidlala nama-All Blacks. Besimele izwe lethu nemindeni yethu."
Kulindeleke ukuthi amaBhokobhoko atheleke kuleli nendebe esikhumulweni sezindiza i-OR Tambo International eGoli kusasa ngo-12 emini.
Ngesikhathi enqoba iNdebe yoMhlaba ngo-2019 ahambela amadolobha ehlukene eyikhombisa abalandeli futhi kulindeleke ukuthi enze okufanayo nakulokhu. Izinhlelo zisazodalulwa.