KONKE sekumi ngomumo ezimpini zangoMgqibelo ezihlelwe iHlula Dladla Boxing Promotions, ezinongwe ngeyosaziwayo okubhekwe idonse amahlelo, okuqhathwe kuyona isilomo somculi we-hip hop, uBig Zulu nosomabhizinisi odumile waseMgungundlovu, uPhumlani Njilo.
Impi yalabo saziwayo izoba yisinongo salo mqhudelwano onezicoco zaKwaZulu-Natal, eseSA Female Middleweight nesebhande lomhlaba.
Intokazi, uMapule Ngubane izovikela eseSA Female Middleweight kuRita Mrwebi waseMthatha, e-Eastern Cape, bese uLindelani Sibisi noSange Ngoza babange ele-WBA Pan African Featherweight. Amasango avulwa ngo-5 ntambama, e-Olive Convention Centre, eThekwini.
UHlula Dladla ongumikazi wenkampani ehlela izimpi, ucele abantu ukuthi baphuthume ukuyothenga amathikithi ngoba sekuseli isibalo esincane.
Abiza uR150 bese eba uR800 kulabo abafuna ukuhlala eduze kweringi. Adayiswa e-Webtickets noma ezitolo ePick & Pay.
UDladla uthe isigungu esisha esiphethe isibhakela KwaZulu-Natal sivumelane ngokuthi kuqhanyukwe namaqhinga amasha ukuze sizolala indawo yokuqala kuzwelonke ekuhleni izimpi nokubukwa kwazo. Kusongwe unyaka wezimali lesi sifundazwe sisendaweni yesithathu. NgokweBoxing South Africa (BSA) kuqhwakele i-Eastern Cape, isibili kube iGauteng.
Uthe ukuqhatha uBig Zulu (Siyabonga Nene) noNjilo ngeminye yemizamo yokubuyisa abathandi besibhakela.
"Sibuyile isibhakela. Ngokubuka isibalo samathikithi asethengiwe izogcwala phama i-Olive. Ngeminye imizamo le yokubuyisa abalandeli balo mdlalo abahamba. Nabaxhasi bazobuya manje. Kuhle neSABC isibuyile. Inhloso yekomiti lethu ukuthi kuphele unyaka wezimali sesiyigudluzile i-Eastern Cape phezulu," kubeka uDladla.
Uqhube wathi abagcinile ngokuqhatha labo saziwayo.
"Nakuba ngingeke ngande, ngo-Ephreli wangonyaka ozayo sihlela ukugcwalisa iMoses Mabhida Stadium ngaso isibhakela. Sifuna ukuqopha umlando," kuchaza uDladla.
Kuzoba yimpi yesibili kaBig Zulu. Kweyokuqala wanqoba ngomngqimuzo womlalisa phansi. Nokho kubukeka ezothwala kanzima kuNjilo owayelwa kuma-amesha eminyakeni edlule. Uyeke isibhakela enqobe ezinhlanu, wahlulwa kweyodwa. UBig Zulu ocijwa intokazi uGeorge Solomons, eHyde Park, eGoli noNjilo ojimela ngakubo, bathe kuyabajabulisa ukuba yingxenye yokubuyisa udumo lwesibhakela.
"NgoMgqibelo ebusuku kukhona lapho kumele ngiyocula khona. Lokhu kungiphoqa ukuthi uNjilo ngimgingqe emzuliswaneni wesibili. Ngiyezwa ukuthi uhambe ethi uzongishaya, ngifisa sengathi sekuwuMgqibelo," kubeka uBig Zulu wodumo lwamanoni afana neMali Eningi, Umbayimbayi neVolovolo.
UNjilo uthe udabukela abalandeli balo mculi asebethenge amathikithi alapho ezobe ecula khona.
"Kubuhlungu ngoba uBig Zulu kuzomele aphuthunyiswe esibhedlela, ngeke esaya kocula. Uma ezogcina ngokuya, imihlathi izobe ingasebenzi. Angazi-ke uzocula kanjani. Into eyingozi ngaye isandla sesokudla sikhipha izibhakela ezinamandla. Nokho sesinalo iqhinga lalokhu. Mina ngiyashesha futhi ngifana nesihlahla esingagawuleki. Ngilwisa okuka-Floyd Mayweather," kubeka uNjilo.